Ngesonto eledlule ngiphuthile, angangakwazi ukubhala kule ngosi. Kucishe kwangiphinda futhi ngalova nanamuhla kodwa abaphethe baxwayisa ngokuthi uma sengehluleka angiyekele abanye.
Ngixinwe-ke yile nto okuthiwa ukuba "bhizi" ngokomfakela. Ngamanye amazwi ukuba matasatasa. Abanye bathi ukuxineka. Ukukhuluma kwabangathekisayo kuthi ukuchatha uhlanya.
Yile ndaba okuthi angiyithamunde namuhla - ukuba bhizi. Kwaze kwabhizi ezweni! Yehheni! Kumanje siphefumula ngenxeba ngecala esalenza lokuvota, sithi siqhuba ilungelo lethu lokukhetha abazoba uhulumeni wokulawula izwe.
Ngithi yicala ukuvota ngoba sekuphenduke kwaba yilahle kithi. Asethembani, siyesabana, siphikisana ngepolitiki kube sengathi kunombango wefa lakwenu. Yaze yasiqhatha indaba yombangazwe!
Sakhetha-ke. Nokho siyabonga ukuthi namuhla sengathi kukhona umfanekiso wokuthi hleze uyakheka uhulumeni esawukhetha. Sesiphefumule ngenxeba amaviki amabili aphela golokoqo, osombangazwe bashaya izaququ, befakana ezinkantolo, besikazana ngezinsongo, bethi bayabonisana ngokubambisana kunjeyaya.
Sivele sifika okhethweni nje imikhankaso yabo isishiye sesidinga isichazamazwi sezinhlamba abebechaphana ngazo belwela ukuvotelwa njalo. Nokho-ke kwaqhubeka ukukhetha ngoMeyi 29, kanti kuzoqubuka esinye isishingishane esihlalise abantu lucezu ngoba nezinsongo zisabhokile. Konke kulusica nje. Ngisho nayizolo silale singazi nokuthi hlobo luni lohulumeni esiya kulo. Kubhakuza ibilo endodeni, wena wabona isele.
Leli bhizi elidalwe ukuxokozela kwepolitiki lenzeka nje abantu bakuleli bavele banamathele obondeni kuhle kwezibankwa ngenxa yokubhoka kobunswelaboya. Zaze zabhizi izigebengu. Sezingena ezindlini zizogilosa kuwe, zikumise uhamba ngemoto, emadolobheni afana neTheku nje odadewethu kabasakwazi ukuhloba ngo-"don't touch" ngoba ungahamba heliyaphu. Ayisaphathwa eyezinwele ezimba eqolo zomchwaneko - esezadla indawo yamawigi - esidlidlini senkaba yedolobha! Abafana babhizi, bayabula nemiyeko yempithi sengathi bakhithiza emashalofini esuphamakethe.
Phezu kwakho konke lokhu kuminca ngesimo sepolitiki nokungabi nasithombe esicacile ngekusasa, abazali bahleli nesiwuzawuza senkinga yama-homework ezingane zesikole. Omunye angaze athi ngihemfuza uteku lokuqhuba isikhathi kanti cha. Isitilobho sama-homework sesigubhe inkambabeyibuza entanyeni yabazali abanabantwana abafundayo.
Kwacosha indlebe omunye ekhononda ngokuthi useyehluleka manje, gede nge-homework. Isililo sakhe sisekutheni ubuya etutshwe umqashi wakhe efuna umsebenzi wenze inzuzo, ethi engena endlini izingane zilinde apheke, nangu nojahidada ngapha uzobuza ngephrojekthi ethunyelwe uthisha. Nathisha lowo uvele wafuhlela engagxilisanga ukuqonda enganeni. Akumina engisho lokhu, indlebe yami yayizizwela msalofu, nganqekuzisa ikhanda ngoba ngiyalwazi lolu twayi.
Iningi lethu-ke liyafika ezinkonzweni ngamaSonto ngoba sizama ukuyokwehlisa ibhizi lemithwalo kwezomphefumulo. Hhayi khona, kuhebeza elinye ijaha engilejwayele, nalo likhala ngokuxinwa izindaba zasenkonzweni yalo. "Nkosi yami inceku ayisafiki ku-amen ingazibalanga izinkinga zezindleko ezibhekene nebandla," kuhayiza leli jaha engingelidalule ngoba angishongo ukuthi kanti ngizobuye ngibhale le nkulumo engatheni.
Nokho leli jaha alikuphiki ukuthi liyondleka kwezomphefumulo ngokusondela enkonzweni, kodwa nxa sekubikwa olwemali wonke la mavithamini asezulwini aphela ngaleso sikhathi. Lithi lifika ekhaya selixinwa yibhizi lezinto zokuphila. U-‘Enzo’ sekumele ayothengelwa ilantshi yesikole, kukhononda ijaha elithi selisindelwa nayizinyawo ekuqhubekeni nezinhloso zalo zokuba nomndeni ngokuphelele.
Mina sengibona sengathi ukuxineka akuthathwe njengesifo okumele siqashelwe ngoba sizodala isimo lapho abantu bengenalo uzinzo empilweni. Ngibhala kule ngosi phambilini ngazwakalisa ukukhathazeka ngokuba zinhlekabayeni kwabantu kulezi zinsuku, okuthi noma kukhulunywa ngento ebuhlungu komunye kube khona abavula umbhotshozelwa wehlaya. Asazi noma lokhu kuba osomahlaya kwethu sonke kudalwa ukuba bhizi ezingqondweni zethu. Hleze kuyindlela yokujuta isichotho semicabango engamile, nexinayo.
Kungenzeka yini ukuthi yilo leli bhizi elenyusa ukukhandleka okuholela ezifweni okuthiwa ezengqondo? Umhlobo wami osebenza kwezempilo uhlale engikhuthaza ukuba nginizike isikhathi sokuphumula ngoba ukuphila ngokuxineka kukudunga uphethe ngokuyingazela.
Asethembe abaholi bazokwehlisa isivinini sokuklwebhana ngoba kuningi okusixinile, bandla. Ukuxineka kwabo nabangani babo akungabi okwethu. Umuntu akakhuhle eyakhe imbuzibeyishuka, anganwayi ngabanye.