INCWADI: Womb City
UMBHALI: Tlotlo Tsamaase
ABASHICILELI: Mother- Jacana Media Imprint
ALUJWAYELEKILE uhlobo lwezincwadi ezigxile kwezesayensi ehambisana nemigilingwane, imilingo esabisayo nezipoki. Ingqikithi yenoveli igxile kowesifazane uNelah, oshade nephoyisa.
Baphila kamnandi, badla izambane likapondo kepha umshado wabo usuthanda ukuba muncu. Kusiza ukuthi uNelah akhulelwe umntwana wentombazane wokuqala. Kepha umnyeni wakhe oyiphoyisa umcupha ngokuthi amfake i-microchip, ukuze amgade futhi azi ukuthi uya kuphi, wenzani, kuhle kwe-tracker yemoto.
UTlotlo Tsamaase, umlobi wenoveli iWomb City usebenzisa ulwazi lwezobuchwepheshe ukuze adwebele umfundi umsuka nesiphetho sendaba yakhe.
Usebenzise ulimi olungajwayelekile lwe-Afrofuturist, oluhlobe ngamagama esayensi, imilingo, nokwesabisa.
Ingqikithi nomyalezo wenoveli kugxile emshadweni osengcupheni yokuqhekeka, lapho unkosikazi elawulwa yisikhohlakali sendoda yakhe ngemilingo. Yize beganene kepha imali kayibanikezi injabulo abayifunayo.
Ingqikithi iqhakambisa injabulo yowesifazane uma ekhulelwe kepha ophucwa ilungelo lokuzikhethela okumele kwenziwe emzimbeni wakhe.
Kubhimba izinhlelo uma kuvela imfihlo bese kuba nengozi. UNelah uzama konke okusemandleni ukugcina imfihlo ukuze avikele usana olusesibhedlela olufakwe ebhodleleni ukuze lukhule ngokwanele.
Ziningi izincwadi ongazithola kwaJacana Media https://jacana.co.za/