MHLELI: Bengilalele izinhlelo zokujika unyaka zoKhozi FM #Siyayijika Le nto! Lezi zinhlelo zijwayele ukwenzeka onyakeni uma ngabe usuyophela ukuze kubhekwe abasakazi abathile ukuthi bayakwazi yini ukumelana nezimo zokusakaza?
Uma ubheka nje uyabona ukuthi zisuke zisiza labo okuthiwa basakazela izipoki, baziveze nabo emini. Okungikhalisayo ukuthi kunabasakazi abadlala ngethuba lokusakaza. Uyabona uSipho “Sgqemeza” Mbatha, uyadlala ngethuba futhi usedelela impela emoyeni. Eqinisweni umsebenzi womsakazi ukusifundisa bese eyasijabulisa. Ngabe kuwukusijabulisa lokhu kokuthi sibeleselwe ngomkakhe, uMaMkhize, emoyeni?
Ngangicabanga ukuthi lo mkhuba wakhe uzowuyeka ngoba ngisuke ngingafune kwazi izinto zomsakazi kepha ngifuna ukuzwa imfundiso nokujatshuliswa wumsakazo.Umsakazi ositshela ngekubo noma ikwakhe usuke esehlulekile ukusisakazela osukwini. Ngangithi uSgqemeza, mhlawumbe, uzoshintsha uma ngabe esefakwe ku#Siyayijika Le nto!
Ngithuke kabi esembiza emoyeni, ethi uganiwe yena. Ubani obembuzile uMthiya? Nginesiqiniseko ukuthi bakhona abasondelene naye abamkhuzayo kepha ubashaya indiva. Mthiya ngicela ukhuzeke.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU