INCWADI: Love at first flight
UMBHALI: Jo Watson
ABASHICILELI: Headline Publishing UK
KUYISICEFE ukubuzwa ngabantu abangogaxekile ukuthi ushada nini, uyithola nini ingane, unomuzi kuphi? Ngenhloso yokugwema imibuzo eyisicefe uPippa no-Andrew bayavumelana ukuthi bakhohlise abangani nezihlobo ukuthi baqomene emcimbini.
Encwadini ethi Love at first flight, kuhlangana insizwa nentombi, bobabili abazimisele ngokushada ngoba basafuna ukusebenza, bazidlele imali futhi bazitike ngobusha babo.
UPippa nabangani bakhe ayefunda nabo bahlela umcimbi wokuthi babonane futhi bazithokozise, bakhumbuzane ngezakudalo besakhula. UPippa usebenza esikhumulweni sezindiza, uyangabaza ukuyohlangana nabangani bakhe ayefunda nabo eminyakeni ewu-10, edlule kepha ushintsha umqondo uma ebonana no-Andrew, umshayeli wamabhanoyi.
Kuthi uma bexoxa kucace ukuthi banenkinga eyodwa. Sebenengekile yimibuzo yabantu abangamathatha, abafuna ukwazi ukuthi bashada nini?
Bobabili bamenyiwe emaphathini ahlukene yingakho bevumelana ngokuthi bazophelezelana kepha beqambe amanga bathi bayajola ukuze baqede imibuzo eyisicefe.
Umcimbi wabafundi useCape Town, uyaphoqeleka uPippa ukuthi enze isinqumo ngokushesha sokuhamba no-Andrew.
Kuyo yonke imithetho ababekelene yona kuyacaca ukuthi bayehluleka ukulawula inkanuko yabo. Imibuzo yabangani igcina iveza okuningi "ngomjolo wabo ongekho".
Isizathu esiphoqa uPippa wukuthi uyacikeka uma abangani bakhe bekhuluma ngezingane nangabayeni babo ngoba usuke engazi ukuthi uzothini. U-Andrew, uyehluleka ukuthola umaqondana ngoba uhlala engekho ngenxa yomsebenzi wakhe wokuba ngomshayeli wezindiza.
Baqhubeka nomsangano wabo kodwa bagcina bevumelene ukuthi bayehluleka ukulawula imizwa futhi sebekhathele ukuqamba amanga.
Umbhali waseNingizimu Afrika uJo Watson, uyihlela kahle indatshana kusukela ekuqaleni kuze kuye esiphethweni. Ingqikithi isijwayelekile inamahlaya, umjolo nocansi. Sekuwumkhuba wabantu ukuthi balale budedengu besebenzisa izaba ezingathi shu! Indikimba isheshe ihlale obala ukuthi bobabili bazogcina bekhwelana. Akujiki!