CHA namhlanje ngifisa ukusika elijikayo ngale nto yokubanjiswa kwabantu besilisa amajazi.
Umuntu abanjiswe ijazi alondle alikhulise bese ngesikade kuzovela ubaba wangempela. Le nto isihlukumeze abantu abaningi ikakhulukazi abesilisa okuyibo abazithola bondliswa izingane okungezona ezabo. Seziziningi izigameko ezikanje zenzeka, sifunda nangazo emaphephandabeni nasezinkundleni zokuxhumana. Yingakho namhlanje ngithe ake ngikhulumo ngakho.
Emasontweni ambalwa edlule ngiziphumela ekhaya, ngigibele itekisi, umshayeli ubelokhu ebalise njalo ngengane ayondle yaze yaba neminyaka emine manje okuvela ukuthi akuyona eyakhe. Yize besihleka kodwa ububona ukuthi uhlukumezekile ngoba ubesho nokuthi ingane ayifani nezinye futhi inekhanda elikhulu, nakubo bashaya amakhala ngayo.
Ngibe sengikhumbula ukuthi konje ziningi izigameko ezifuze lesi esihlezi sizizwa. Ngokubona kwami kungangcono uma ukwenziwa kolibofuzo ezinganeni kungenziwa kube yimpoqo kuwona wonke umuntu ngisho ngabe nishadile. Ngiyazi omunye uzothi le nto iyingozi, ingadala udlame emndenini futhi iqhathe nezithandani noma abashadene. Kodwa siyazi sonke ukuthi abantu abasathembekile kanjani othandweni.
Lapha sibala nayo imishado imbala, abantu bayajola, bayaphinga, balala nabanye abantu ekubeni beshadile. Ukwenza ulibofuzo kungasiza ekutheni umuntu angaze amoshe imali yakhe ondla noma ekhulisa ingane angayizali, futhi kunganciphisa nesibalo sabantu abahlobonga budedengu ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana ekubeni umuntu ebe ezazi ukuthi unomuntu oqondile.
Ngiyazi abaningi ngeke bavumelane nale nkulumo yami ikakhulukazi abesifazane, kodwa kona lokhu engikushoyo kuwumbono wami futhi engicabanga ukuthi ungasiza abantu abaningi. Yize kubuhlungu ukuthola ukuthi umuntu wakho ubengalali nawe wedwa kodwa kungangcono uma ungakamoshi mali noma ungakangeni ezindlekweni zokukhulisa umntwana ongamzali.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi iningi labantu besilisa bondla futhi bakhulisa izingane okungezona ezabo kodwa abambathiswe zona. Uthole ukuthi le okungeyakhe ngempela akayondli futhi wayiphika nokuyiphika. Ulibofuzo ke lungasiza ukuxazulula zonke izinto ezikanjalo futhi nabantu banganciphisa ukuhamba belala budlabha, kanjalo nabesilisa abaphika izingane ngoba bebalekela ukondla, bangavela obala.
Ngiyafisa le nto siyicubungule kahle sibheke ukuthi iyiphi ke mhlawumbe enye indlela okungenziwa ngayo ukuze wonke umuntu aqinisekise ukuthi wondla ingane yakhe ngempela, zingabikhona izingane ezingazokondliwa ekubeni obaba bazo bephila ngenxa yokuthi bayaziphika.
Kungcono kuthiwe umuntu akondli ngoba engafuni okanye enezinye izizathu, hhayi ngoba ethi ingane akuyona eyakhe ekubeni ikhonjwe kuye. Uma ukwenza ulibofuzo kungaba mahhala futhi imiphumela iphume ngesikhathi kungangcono kakhulu
Abanye abantu besilisa bathi bangathola ukuthi umuntu bebekhulisa ijazi babenomsindo bagcine ethatha izinqumo ezinobulwane.
Ngiyafisa bantu besifazane singadukisi izingane zethu futhi singondlisi amadoda izingane okungezona ezawo. Nani madoda ngifisa ningaziphiki izingane zenu ngoba nibalekela ukondla. Vuma bese kuba ukuthi amandla awunawo ke.