INCWADI: My favourite mistake
UMBHALI: Marian Keyes
ABASHICILELI: Penguin Random House UK
UYADANGALA u-Anna Walsh, uma ecabanga ngempilo yakhe futhi ebona ukuthi ayimthokozisi. Uyisikhulu enkampanini yezokwazisa nokuxhumana nomphakathi (public relations). Lokhu kwenzeka ngesikhathi kunomvalelandlini e-USA, lapho esebenzela khona kepha ikhaya lise-Ireland.
Umlobi uMarian Keyes, waziwa ngokuloba amanoveli athokozisayo futhi akwenza ujule ngemicabango. Wenza kanjalo encwadini ethi My favourite mistake, lapho owesifazane ezama ukukhulelwa ngoba esaba ukuthi sekuhambe iminyaka.
U-Anna ubona buphelelwa wushatini ubudlelwano bakhe nesoka lakhe u-Angelo yize behlezi ndawonye ngenxa yemigomo yomvalelandlini.
Uvele ajabhe uma ezama ukuxhumana nabazali bakhe e-Ireland, athole ukuthi baxinwe yiCovid-19. Kuthi uma ebazisa ukuthi ufuna ukubuyela ekhaya ukuze azobanakekela, bavele bamchithe.
Kuthi kusenjalo kuqubuke umsindo ngemva kokuthi inkampani yeziqholo zabesifazane yethule umkhiqizo omusha owenzelwe abantu besifazane abamnyama base-USA. Phela ngu-Anna obehola ithimba lezokwazisa futhi bememezela ngomkhiqizo nasezinkundleni zokuxhumana.
Kutholakala ukuthi izithako zesiqholo zixutshwe ne-bleach, okwaziwayo ukuthi ayigunyaziwe futhi ayamukelekile. Ngapha ubhula umlilo wezikhulu zenkampani kanti nezishoshovu ezilwela amalungelo abesifazane azimnikezi ithuba lokuthi aphefumule. Zifuna ingadayiswa imikhiqizo.
Ngaphambi nje, kokuthi aqede iminyaka ewu-40, uhlukana nesoka u-Angelo ngoba lishaya phansi ngonyawo uma u-Anna ephakamisa ukuthi babe nengane.
Ekhasini 405 kulotshwe kanje: “Ngithe ngisashaqekile, ngaya kuRachel, nguyena engimthintayo uma kunezinkinga ezingihlukumeza umphefumulo. Ngenze njani ukuze ngingacabangi ngalokhu?,” kubuza u-Anna.
“Uma kunjalo ngibona kungcono ukuthi ubonisane no-Angelo. Uzwe ukuthi ngeke yini ashintshe umqondo wakhe ngokuba nengane,” kuphendula uRachel.
Kuthi uma ebona izinto zimbhedela u-Anna, abephansi phezulu efuna isoka lakudala ukuze akhulelwe. Kubheda uhlelo uma ezama iqhinga lokulala nesoka ngaphandle kwekhodomu. Livele lidle phansi.