INCWADI: At Home with Peter
UMBHALI: Beatrix Potter
ABASHICILELI: Penguin
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
NINGAKHOHLWA wukuthi ukujwayeza ingane ukuthi ifunde incwadi kuyasiza ekutheni ithuthukise ulimi lwayo. UBeatrix Potter, ucathulisa odado ngezinganekwane namancoko encwadini ethi, At home with Peter.
Ngonyaka odlule ucwaningo lwadalula ukuthi eNingizimu Afrika, kunezingane ezingu-81% ezifunda uGrade 4 kepha ezingawaqondisisi amagama uma zifunda ukuthi achazani. Ngakho kumele abazali baqikelele ukuthi bayazifundela izingane noma bazijwayeze ukufunda.
Ongoti kwezemfundo yezingane bagqugquzela ukuthi abazali bafundele izingane izincwadi ngoba zithola ithub lokufunda ukuthi igama liphinyiswa kanjani.
Kuneqoqo lezincwanjana eziyisishiyagalombili ongakwazi ukuzifundela ingane yakho. Lokho kwenza kube lula ukuthi umntwana etshise amagama futhi ayithokozele indatshana exoxwayo. Okuhle ngencwadi i-At home with Peter, wukuthi inamancoko futhi izindatshana zimfishane ngakho ingane ayisheshi ukucikeka. Zisize uthengele umntwana incwadi.
Ungabheka ezinye zincwadi kwi-https:exclusivebooks.co.za/