UYAZI benginalo ivuso lokuthi sike sithi ukwenaba ngodaba olusematheni lukaTintswalo. Indaba kaTintswalo isuse elikhulu igidigidi ngemuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa emethule enkulumweni yakhe emasontweni adlule.
Kwabanganakanga ukuthi uTintswalo wansondo lo uyisilwane sini, uMengameli wasebenzisa leli gama elingumlingisi noma elimele intsha ezalwe ngo-1994 nangeminyaka engemuva kokufika kwentando yabantu. Wayekhuluma-ke ngempumelelo esiyenzeke kulesi sizukulwane esineminyaka engu-30 nangaphansi.
Nebala ziningi izibonelo zoTintswalo kule minyaka engu-30 yenkululeko. Nami ngiyabazi oTintswalo bangakithi, esibazalayo nabanye abazalwe phambi kwami abenza ezibukwayo - okuyizinto okwakuyoba nzima ukuba bafike kuzo ngenxa yokuthi uhulumeni wengcindezelo wayezibekele abamhlophe kuphela. Asilivume leli qiniso, ngale nje kokunqakisana ngepolitiki.
Ngahambela umbuthano wakusihlwa wenhlangano ebusayo, i-ANC, lapho oTintswalo babeshintshisana ngesiteji, beqephuza ngokuthi uhulumeni ubenzele ini nani. Nebala yayikhona intsha izisholo zindevu ukuthi mina ngisuka le kwanj'ayiphume kodwa namuhla ngishayela amabhanoyi. "Mina ngangingazi ukuthi kanti amabhanoyi anomlawuli we-traffic, kodwa namuhla yimi engitshela abashayeli bawo ukuthi abenze kanjani ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kokusetshenziswa kwemizila yokundiza emoyeni," kusho omunye.
Uyedwa osewuqhozasi ekushayeleni imikhumbikazi entanta olwandle noseke wajikeleza ngayo umhlaba. Babodwa abangabalimi asebekwazi ukudayisela amazwe angaphandle imikhiqizo yabo. Uyedwa osenenkampani eqashe inqwaba yabantu ebunjiniyeleni bokuhlolwa komhlaba. Ngalobu bufakazi, asivume ukuthi uTintswalo ingane yethu.
Angifuni ukuba ungoma uyayona, ngoba le mpumelelo engiyibale ngenhla kuhle ukuba ivezwe, kodwa leli qiniso alingalugqibi uhlangothi lweqiniso elibabayo kulesi sizukulwane sikaTintswalo. Ukukhuluma kwasuke kwagxila kuTintswalo, namathatha epolitiki yokuphikisa alibala ukunaphaza inhlangano ebusayo esikhundleni sokubheka ukuthi konje yiziphi izindlela ezingenzeka ukuba isibalo soTintswalo sande bese bekufaka ezethembisweni zabo zokhetho.
Okuliqiniso ukuthi uTintswalo akazalwanga yedwa, uyiwele. Leli wele ibizo lalo u-Enzo. UTintswalo uyagiya uyaqephuza ngapha, uthweswa imiyezane yeziqu zo-Masters nezobuDokotela ezifundweni zakhe, nabazali bakhe bayakikiza bathi ukuzala ukuzelula. Iwele lakhe, u-Enzo uhlezi uhenquza esigangeni, ubizwa ngephara. U-Enzo uhleli nesitifiketi sika-matric ekhaya, u-Enzo ufesele ukucoshwa yiveni likabasi onethenda ukuze ayoxova udaka enkontilakini anikwe u-R100 ngosuku.
U-Enzo usengushaya-sibhamu oyinkabi ethenjwayo, ekhokhelwa ukuba iyobulala izitha zabanye. Leli wele likaTintswalo lizama inhlanhla, seliphelile amanga lihamba izangoma nabathandazi belitshela ukuthi umsamo walo awulungile udinga ukulungiswa. U-Enzo uphila ngokuthenga izimbuzi ngawo la masentshana ethi uyalungisa, kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Abathandazi sebamfasa ngezintandela zezinsonto usungathi uthwele amakhebula amabhomu emzimbeni wonke, kodwa akulungi ku-Enzo.
Angihlose kuntela. Ngikhuluma ngobuhlungu bemihlaba emibili esiyakhayo - izwe lenhlupheko nobubha nezwe labami kahle abehlisa isidlo sekhethelo ngesiphuzo sekhethelo esichathazelwe egilasini enomcondo.
Uyazi-ke lesi simo sika-Enzo sisho ukuthini? Sisho ukuthi unina usaqhukuluza usebenza emakhishini, ushanela isitubhu sikabasi. Uyise ka-Enzo, naye usathipha emakhoneni omgwaqo, ujaha amaveni amatoho osuku.
Umoya wami uvele usongelane uma ngibona izingane zamantombazane ezinguntanga kaTintswalo zishaya ujenge zehla ematekisini ziyosebenza ukuba abazanyana, zenza imisebenzi yasendlini.
La mawele kaTintswalo yiwo agijima kuze kube buhlungu izithende ezindaweni zokudlela, edekela oTintswalo nemindeni yabo, edekela omesisi nobasi babelungu abasuke bezibusisa ngamafa abawanikwa oyise abawazuza bephiwa phi ubandlululo.
Onina ka-Enzo basemathilini ezitolo zegilosa nezezingubo, benzela ukwengeza esibonelelweni abasikhangezwa uhulumeni. Oyise nonina ka-Enzo iningi labo lijika nelanga emalokishini nasemakhaya, alazi ukuthi kusa nje lizothathani lihlanganise nani. Uphuzo oludakayo-ke lapha lumi ngenhla.
Angingeni epolitikini yale ndaba, bakhona abanikazi balokho. Engikuphawulayo ukuthi kunodonga oselwakhekile lwahlukanisa amawele azalwe ndawonye, uTintswalo no-Enzo. Ngeshwa lolu bonda lugxilisa ukungalingani kuTintswalo newele lakhe u-Enzo.
Maduze nje, sizobona njengesizwe ukuthi ukuhlukanisa la mawele, uTintswalo no-Enzo, akwehlukene nokotha imbuthuma ngesifuba. Ikhoza lale mbuthuma nokho sengathi elekloba.