MHLELI: Amaqembu ezombusazwe asekulungele ukuya okhethweni lukazwelonke lwakulo nyaka. Osekusele manje sekuwukumenyezelwa kosuku lokhetho ngokusemthethwani ngumengameli Cyril Ramaphosa.
Iqembu elibusayo kufanele ukuthi ngabe lidliwa wunembeza ngakho konke okwenzakayo kuleli zwe. Wonke-ke amaqembu asethole inxeba lokungena aligudluze futhi alikazisoli. Kulunge kunjalo.
Kulolu khetho uKhongolose ngeke esazidlela amahlanga njengejwayelo, wonke amaqembu avuthwe ngokwanele ukumketula uKhongolose embusweni wezwe. Okuzoshubisa kakhulu okhethweni wukusungulwa kweqembu elisha Umkhonto Wesizwe (i-MK).
Lisungulwa ngomakadebona bomzabalazo kuleli zwe, bebekade bezithele ngabandayo bethi mahlayeni, kuzoshitsha ukuphathwa kwezwe nguhulumeni obusayo.
Sebebona lo hulumeni wephula amalungelo ezakhamizi ephindelela yize ewazi umzabalazo wabantu abamnyama. Babone ukuthi abangenele ngoMkhonto Wesizwe ukubhekana ngqo nezidingo zezakhamuzi ezingafezeki mihla yonke.
Iqembu elibusayo lizozisola ngokulahlekelwa ngamavoti amqoka. Iqembu iMK selijiyonwe owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma owazi kahle amaqhinga okuwina ukhetho lukazwelonke.
Lokho kulenza libe namandla okuba yizimbangi ezinkulu okhethweni. Futhi lizobhekana ngqo namaqhinga kaKhongolose ngoba liyawazi ukusuka nokuhlala. Kuzoba ngukhetho olukhethekile pluzoqopha umlando ezakhamuzini nasezweni lonke.
Sekukuzo-ke izakhamizi zakuleli zwe ukuzikhethela inhlangano eziyidingayo. Lokhu kuyokwenziwa yizo izakhamizi ngokufaka emavoti azo eqenjini elifanele elizoguqula isimo ekuphileni kahle ezweni.
Lokho sekuyobenza abomdabu bakhombe ngophakathi ezweni labo lendabuko, bazigqaje ngokufanele njalo.
Mbukeni Zondo
EMARIANNHILL