INCWADI: The hidden
UMBHALI: Fiona Snyckers
ABASHICILELI: Pan MacMillan
LIPHANSI phezulu ithimba lamaphoyisa ngemva kokuhlaselwa kamabhilidi ase-USA. Umlobi uqala udaba lwakhe ngemva kwesigameko esenzeka ngempela e-USA, ngoSepthemba 11, 2001, lapho kwashona abantu abalinganiselwa ku-2977.
Nakuba umbhali esebenzisa isigameko esenzeka ngempela kepha ukucikoza kwakhe kunehaba. Encwadini ethi The hidden, umbhali uFiona Snyckers, ucikoza ngobuyonico babaphenyi ngemva kokuqhuma kwamabhomu eWorld Trade Centre, e-USA.
Kuyamangaza ukuthi umbhali wenoveli waseNingizimu Afrika, usanganiswa yinqubo yamaphoyisa ase-USA, ngemva kwesigameko. Umlobi usebenzisa abalingiswa ababili abalwela izinhlangothi ezenhlukene. Kunephoyisa elivuthayo elingu-Alicia Knox, elifuna ukubadla libafele abahlasele amabhilidi aseMelika.
Kube khona uBecca Abrahamson, ongowesifazane onezimfihlo eziwukhiye wokuhlaselwa kwamabhilidi. UBecca usolwa ngokuba yisishoshovu esisebenzisana nabashokobezi abaqhumise amabhomu kwaphangalala abantu.
Abaphenyi bophiko lweFBI, abagayelwa mphako futhi bamhlala izithonto uBecca ngoba bafuna ulwazi ngamaphekulazinkuni asekubhaceni.
Ingqikithi igxile ebantwini nangendlela abenza ngayo ngemva kwesigameko. U-Alicia uhambisana nethimba labaphenyi bathungatha ungqondongqondo nomphehli wokuhlasela.
Inkinga wukuthi izigilamkhuba zazi konke ngokusebenza kweFBI ngoba zazisebenzela uhulumeni wase-USA. Yize isigameko senzeka ngempela kepha umlobi udlalisa ngolimi olunehaba kepha indikimba yencwadi imnandi. Kuyinkinga ukuthi kungani abantu besanganiswa yiMelika kangaka?
Sekubhalwe izincwadi ezimbalwa ngesigameko kepha kuyamanganza ukuthi namanje sisafundana ngaso. Asikho isimanga ngencwadi.