INCWADI: Building psychologically safe spaces, safeguarding your workplace against bullying
UMBHALI: Dkt Ngoa Motsei
ABASHICILELI:Tracey McDonald Publishers
KUNZIMA ukuveza ubufakazi bokuthi kunesiqhwaga esikuhluphayo emsebenzini. Lokhu kudalwa wukuthi iziqhwaga zijwayele ukwenza izinto ngesikhathi zingabonwa ngomunye umuntu ngaphandle kwakho, wena esisuke sikuqondile.
Umbhali ogogodile kwezokweluleka ngokomqondo nokuziphatha ngendlela efanele, uDkt Ngao Motsei, uchaza kabanzi ngezindlela iziqhwaga ezisebenza ngayo futhi ukunikeza amasu okubhekana nazo.
Encwadini ethi Building psychologically Safe spaces, safeguarding your workplace against bullying.
Umlobi ubheka izinhlangothi ezithintekayo uma kunezinxushunxushu emsebenzini futhi kusolakala ukuthi umphathi noma umsebenzi othile uyisiqhwaga. Okusemqoka wukuthi umsebenzi ngamunye abheke ukuthi ukuziphatha kwakhe nokusebenzisana kwakhe nabanye akubaphathi yini kabi abanye.
Akekho ongazishaya isifuba athi ungungcwelengcwele emsebenzini ngoba kuyenzeka ukuthi unyukelwe wushukela bese uphendula kabi sengathi udilika emthini. Okubalulekile wukuthi uzehlise uxolise futhi uqikelele ngomuso ukuthi awuphaphalazi uma ukhuluma nabantu.