INCWADI: Implementing and promoting multilingualism
ABAHLELI: Nomalungelo Ngubane, Berrington Ntombela noHloniphani Ndebele
ABASHICILELI: UKZN Press
KUSEMQOKA futhi kuyasiza ukukhuluma izilimi ezehlukene. Akukhathalekile ukuthi umgakanani kepha kuyadingeka ukuthi ukwazi ukuxhumana nabanye abantu abakhuluma ulimi olwehlukile kwelakho. Encwadini eyiqoqo lama-iseyi abhalwe yizifundiswa, ethi Implementing and promoting multilingualism, abalobi abahlukene bagqugquzela ukuhlonishwa kwezilimi ngenhloso yokuthuthukisa nokulondoloza umlando negugu lesizwe ngalinye.