INCWADI: What happens on vacation
UMBHALI: Jo Watson
ABASHICILELI: Headline eternal
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
BAPHENDUKA izithandani ngemuva kweholidi ekubeni bebeyinkukhu nempaka ngaphambi kwalokho. Kuba wuginqigonqo phakathi kukaMargaret noJagger ngesikhathi beseholidini ekubeni bebengahoshelani emsebenzini.
Bobabili bayizintatheli ezisebenzela inkampani eyodwa ekhiqiza amaphephandaba. Kepha kusa ngokunye kubo sebewina umncintiswano lapho beklonyeliswa ngeholidi eliya eZanzibar.
UMargaret uhamba nonina ongumfelokazi onomzwangedwa. Kanti uJagger uthatha uyise ngenhloso yokumshayisa ngomoya.
Kushintsha konke uma izintatheli sezifika eZanzibar. Zehla kamnandi iziphuzo kanti sebeqala ukuvuleka amehlo ngoba basendaweni entsha lapho bengazi khona muntu. Kuphela ukuxabana futhi baxoxa kahle baze bancokolisane. Uyazibuza uMargaret ukuthi ngabe ugula ngekhanda uma efikelwa yimizwa egijimisa igazi uma ebuka uJagger? Kanti uyabitoza noJagger, usecwebisa amehlo njalo uma ebuka izinqe zale ntokazi.
Akazi umlisa ukuthi uzoqala kuphi uma ezibika futhi uyesaba ukuthi bazoxabana kakhulu kunakuqala. UJagger uyadideka ngoba akazi noma kulokoza inhlansi yothando noma yinkanuko? Bagcina behluleka ukuzibamba, bavele bavumele ukulawulwa yimizwa baze babe yiziswambithi. Kuqhasha ubhodisi, okulandelayo usuyazibonela nawe ukuthi uvuthondaba luthini.
Ngakolunye uhlangothi abazali babo abafike nabo bathola ithuba lokududuzana kanti izingane zabo zidlala imidlalo yabadala ngapha. Kuba yinkilayitheka uma bobabili sebeyetshisa indaba. Ngemuva kwesikhathi kuphenduka inhlekelele yencithakalo uma sekushada abazali. Ngabe sebehlobene? Ngabe okwenzeka uma useholidini kusala lapho noma cha? UJo uyithake ngamancoko, nemikhuba futhi imnandi incwadi, ethi What happens on vacation.
www.jowatsonwrites.co.uk