INCWADI: Geneva
UMBHALI: Richard Armitage
ABASHICILELI: Faber & Faber Ltd
UYAPHOQELEKA uSarah Colliers, ukuthi ayothamela umbuthano wososayensi eGeneva, Switzerland, yize engabaza ukuya khona ngoba akamnandi empilweni. USarah, ongusolwazi kwezesayensi useqala ukukhohlwa nokudideka lokho kuyizinkomba zokuthi uhlaselwa yisifo, i-Alzheimer’s.
Umyeni wakhe ongusolwazi kwezesayensi uDaniel, uyamgqugquzela ukuthi athamele umbuthano lapho kuzokwethulwa khona ingqophamlando yento okwethenjwa ukuthi ingaba yikhambi lokwelapha isifo esiphethe uSarah.
I-Alzheimer’s, yisifo esithuntubeza ukusebenza komqondo bese umuntu eqala ukudideka, akhohlwe agcine esephenduka ingane encane, angazazi ngisho negama lakhe, njengoRonald Reagan, owayengumengameli wase-USA..
Phambilini uSarah waqokelwa ukuhlonishwa ngendondo yeNobel Prize kepha wakushaya indiva lokho akawuthamelanga umbuthano. Kulokhu isikhungo sezesayensi iSchiller Institute, sifuna ukuthi agunyaze futhi ayeseke ingqophamlando eyenziwe yibo. Kushubile nokho ngoba kukhona abafuna ukuhlakaza umbuthano wososayensi. Abesikhungo baludinga ngempela usizo nokwesekwa nguSarah ngenxa yeqhaza lakhe ekucubungulisiseni ezesayensi nokugxeka lapho benhlanhlatha khona.
USarah unexhala ngoba i-Alzheimer’s ingamenza akhohlwe yikho konke akwaziyo bese ephenduka inhlekisa phakathi kwezifundiswa nezintatheli.
Okubi wukuthi izigilamkhuba zifuna ukweba imininingwane etholwe ngososayensi. Kukhona nentatheli ebanga ukushisa, efuna ukuthola udaba kuqala ukuze ilushicilele. Iyahoba esikhungweni bese iphequlula imigqomo kadoti ngoba ifuna amapheshana angaba nemininingwane ethile ngengqophamlando.
Kuqhuma isibhamu, kuhlakazeke izicukuthwane emcimbini oseGeneva, lokho kwenza uSarah abe sengozini ngoba useyakhohlwa. Akekho othembe omunye ngakho ixoxo, nexoxo kumele lizigxumele.