KUNABANTU abahlezi besichomela ngokuma kahle nokuba nezinqa ezinkulu kanti lokho akwenzi mehluko othandweni.
Ngisho ungaba nomthwalo ongakanani wezinqa akumbambi nhlobo owesilisa kodwa abafana bazifunela umuntu wesifazane onengqondo esebenza kahle futhi ohlakaniphile.
Ngisho ngabe uzibona unezinqa ezinhle futhi ezinkulu kodwa okufanele ukwazi ukuthi uma ungenangqondo, indoda ikushiya nawo umthwalo wezinqa zakho lezo.
Namhlanje ngifisa ukukhulisa abesifazane abasiqhoshela ngezinqa. Indoda izokulala idele bese iyakushiya ngoba ayifune zinqa vele. Uzovele uxakeke ubona isishada onesishwapha nozimele ukuthanda kwakhe bese uyazibuza ukuthi usale kanjani unomthwalo ongaka? Wena dadewethu, usaliswa wukuthi ugabe ngezinqa kuphela ngoba wazi ukuthi umfana uma ebona izinqa ziyamhlanyisa kanti cha.
Noma ungaba nazo zibe nkulu zihalise kodwa musa ukuvilaphisa umqondo ngoba nazo izinqa uma sezitshenziswe kakhulu ziyakhathala ziphelelwe wushatini zingabe zisahalisa.
Bakhona abafana abathi uma beshela intombi babuke izinqa, baheheke. Kuthi uma umuntu eseqonyiwe ukhalele isikhathi sakho adlale ngaso. Uthole ukuthi izinqa zinkulu ubala isitho sangasese asisagculisi kanti nengqondo ayibonwa. Sihlale sibona nasezinkundleni zokuxhumana kuxatshanwa kubangwa izinqa.
Yebo, umuntu wesifazane onezinqa ezinhle ubukeka eme kangcono kunowesifazane onezishwapha njengami kodwa lokho akusho lutho ngoba indoda ishada emthandile futhi ebonayo ukuthi angawakha umuzi.
Umuzi awakhiwa yizinqa ezinkulu kodwa wakhiwa wubuhlakani.
Ngifisa abantu bawuyeke umkhuba wokuzitshela ukuthi izinqa ziyikho konke, bayeke nokuzitshela ukuthi onezinqa ungcono kunongenazo. Mhlawumbe iyona lento eyenza abesifazane abanezinqa bagcine bengasakwazi ukugxila nasezintweni ezimqoka nezizothuthukisa impilo yabo. Umsebenzi wezinqa ukuhlala kuphela, noma zinkulu noma zincane akunandaba inqobo nje uma zikhona.