INCWADI: The comrade's wife
UMBHALI: Barbara Boswell
ABASHICILELI:Jacana Media
UKUPHOXEKA kukankosikazi weqabane ngemva kokuthola ubufakazi bokuthi umyeni uyashendeza, kwenza azibuze aziphendule ngesinqumo sakhe. Incwadi ethi: Comrade's wife yinoveli elotshwe nguBarbara Boswell, exoxa ngezinselelo zokushada.
Ngenxa yokuthi uNeil ungusopolitiki uhlale esemgwaqweni elungiselela imihlangano ezindaweni ezahlukene. Unkosikazi u-Anita uthemba ukuthi konke kuhamba kahle kanti uNeil uthola ithuba lokungcebeleka nomakhwapheni.
Sekukaningi uNeil emlaxaza bese holidini asale yedwa u-Anita abukele izinyoni kanti umyeni uyazitika nezintombi.
Kuthi ngemva konyaka beshadile uNeil, ahlele ukuthi bashaywe wumoya eThekwini, besuka eCape Town. Kuthi engazelele u-Anita, ephakishela umnyeni wakhe izimpahla ngoba uya emhlanganweni, azithele phezu kwamakhodomu namaphilisi omvusankunzi iViagra. Uvuka emaqandeni u-Anita! Aphequlule konke.
Uyaphenyisisa ngemiyalezo esocingweni lukaNeil, athole uhlu lwamagama ezintokazi ezimbhalelayo, zimtshela ukuthi ziyamkhumbula, zincoma nempatho yakhe.
Useyabona manje u-Anita ukuthi kungani uma bexabana uNeil uvele amuphe isipho esihle bese eyakhohlwa yena.
"Ngithi uma ngiphenduka embhedeni ngithole uNeil ephethe ibhokisi elincane elinamacici amahle abizayo ... kepha afana ncamashi nalawo awanikeza uCarol (intombi kaNeil)," kuchaza u-Anita.
Kusa ngokunye kuNeil uma kutheleka abakwaSidlodlo emzini wakhe esathi ucambalele kanti bazombopha. Phela u-Anita udalule konke okwenziwa ngumnyeni okungekho emthethweni ngenhloso yokuziphindiselela. Afika amaphoyisa amdonsa ngesikhindi, kwaphela ukuba ngusopolitiki ovelele.
INCWADI: When Love Kills
UMBHALI: Melinda Ferguson
ABASHICILELI: Melinda Ferguson
KUGQAMA umunyu, ukuzisola, nothando kubaba ka-Anele Tembe uma ekhuluma ngendodakazi yakhe engasekho. Usomabhizinisi uMoses Tembe, akananazi uma ethi indodakazi yakhe ayizange izibulale ngo-Ephreli 10, 2021.
Encwadini ethi“ When love kills”, umlobi weneka lonke ulwazi alutholile emithonjeni ehlukene yabezindaba nezokuxhumana nokuxoxisana nabantu ngobudlelwano buka-Anele noKiernan "AKA" Forbes, ngesikhathi ebhala incwadi.
Ekhasini 169, uTembe ucashunwa ethi:"Ngathola umbiko wamaphoyisa owanginikeza ubufakazi bokuthi kwenzakalani ngalobo busuku ngaphambi kokuthi singcwabe indodakazi yami.... lalela yanginikeza u-99.9% wokuthi u-Anele akazange azibulale," impendulo kaTembe ayithumela umlobi wencwadi
Kuyiqiniso ukuthi akekho umzali ofisa ukungwcaba ingane yakhe. Kunjalo nakuTembe!
Uyazisola ngokuthi akazange angenelele ezindabeni zabo kepha uthi wayengafuni ukugxambukela ngoba wayefisa ukuthi u-Anele ayofunda enyuvesi ngaphambi kokuthi agane.
Njengomzali wayekhathazeka ngendlela u-Anele no-AKA ababevamise ukuxabana ngayo. "Wayevamise ukungifonela athi kuphelile (ngobudlelwano bakhe no-AKA). Ngimthengele ithikithi abuyele eThekwini, kuyothi uma esebuyile ashintshe umqondo, abuyele kuyena futhi," kuchaza uMoses.
Okugqamile wukuthi kunemininingwane eyashiwo ngu-AKA equbula imibuzo ngokuthi ngabe iyiqiniso kangakanani.
Umlobi ulanda ngobudlelwano babo obaqala ngoMashi 2020, kanti izwe lizongena ngaphansi komvalelandlini. Ngokusho komlobi uthando lwaluvutha amalangabi ngalesi sikhathi.
Ngokuhamba kwesikhathi umlobi uthi kwakukhona ukuhilizisana phakathi kwezithandani kanti usola ukuthi u-Anele wayenesikhwele futhi engayijwayele impilo yosaziwayo.
UMelinda uthi u-AKA, wayezazi ukuthi angaqonywa yinoma iyiphi intombazane, ngakho wayenokuzitshela futhi ethatha ngokuthi u-Anele mncane kunaye ngoba wayeneminyaka ewu-21.
Eqhulwini akucaci ukuthi wayekuphi u-AKA ngesikhathi u-Anele ewela phansi emgwaqweni ngoba akazange abonakale, kepha kuthiwa wayengaphakathi ePepperclub.
Akucacai ukuthi kungani engatholakalanga amanyathela eminwe lapho kuthiwa u-Anele wagxuma khona? Okwesibili kungani abezokushushisa iNPA, bengazange bambophe u-AKA?
Kunomuntu owafika kuqala lapho kwakulele khona u-Anele, wamboza ngeshidi elimhlophe ngoba wayenqunu. Lo fakazi uthi u-Anele wathi kuye:"Ngicela ungisize". Wayezolucelelani usizo u-Anele uma wayefuna ukuzibulala?
Kukhona nofakazi owafike wathandazela u-Anele, owabona konke ngoba wayemi ebhilidini eliqondene nePepperclub. URob Stefanutto, ungusomabhizinisi waseCape Town, uthi wezwa sengathi kunokuhilizisana ngamazwi kwabantu. "Ngicela uhlukane nami, ngicele unyikele":
Uthi ngemva kwalokho wezwa umsindo omkhulu wathi uma ebheka wabona umuntu elele phansi emgwaqweni.
“Ngathi uma ngifika esembozwe ngeshidi ngabona iminwe yakhe inyakaza, ngamtshela ukuthi uma engizwa akangicifele iso. Wangicifela iso." ekhasini 159
Kuthiwa u-AKA wayengabonwa nangokhalo ngalesi sikhathi.
Kukhona okushaya amanzi ngezimpendulo zika-AKA azenza ngesikhathi exoxa noThembekile Mrototo