ABABHALI: Stephanie Ebert noKathryn Pillay
ABASHICILELI: Pan Macmillan Children's Books
UYAZIWA umlando wengqalabutho eyayilwela ukuthula uMohandas Gandhi. Phakathi kwezigigaba ezake zamehlela, kubalwa nokuhlukunyezwa kwakhe ngesikhathi egibele isitimela.
Ukukhishwa kukaGandhi esitimeleni yiphoyisa ngenxa yenqubo kahulumeni wengcindezelo kwamenza wazibophezela ekutheni alwe ngokuthula.
UGandhi utuswa ngokufaka igxalaba emzabalazweni wokulwela ukuthula nenhlalakahle yabantu baseNdiya, abafika lapha eNingizimi Afrika, bezotshala umoba kepha baphendulwa izigqila.
Yize uGandhi, ehlonishwa ngamagalelo akhe kwezomzabalazo kepha bakhona abashaya amakhala ngaye. Kuyaziwa bakwethu ukuthi kalikho isoka elingenasici.
Injongo yabalobi wukufundisa izingane ngezimiso nezinkolelo zikaGandhi, owaziwa ngelikaMahatma.
UStephanie Ebert noKathryn Pillay, abalobi bencwadi basebenzisa isipilyoni nolwazi lwabo ngesigameko esenzeka esiteshini sesitimela esiseMgungundlovu.
Ngokusho kwabo inhloso yokubhala incwadi wukufundisa igenge encane ngokuthi igweme ukusebenzisa indlakadla kepha ilwe ngokuthula.
Indikimba ishumayela ivangeli lokuthula nokulwela ubulungiswa njengoba kwenza uMahatma gandhi. Yeluleka ngokuthi udlame alwakhi kepha ukuzibophezela ezimisweni ezinhle kunezithelo.
Ilungele abantwana abafunda amabanga aphansi abaneminyaka esukela kweyisithupha kuya kweyisishiyagalolunye.
Ukuphoxeka nokuhlukunyezwa kukaMahatma kuyingxenye yomlando waseNingizimu Afrika, futhi kufanele kufundiswe izingane ngoba libunjwa liseva.
Ziningi izincwadi ezitholakala ezitolo zakwa-Exclusive Books, https://exclusivebooks.co.za/