INCWADI: Lost in love land
UMBHALI: James MaManus
ABASHICILELI: Whitefox Publishing LTD
IDIDEKA ingqondo intatheli uma itheleka e-Afrika, ngenhloso yokuzobika ngezibhelu ezihlasele khona. URichard Brady, uyintatheli esimnkantshubomvu futhi eyisethenjwa. Ufika e-Afrika, bese ethatheka uma ebona uPatience, intokazi enguthisha ehlala elokishini eliseduze.
UBrady ujutshiwe ukuthi azobika ngesimo esimazonzo kwelinye ilizwe futhi kumele aqikelele ukuthi akachemi nohlangothi oluthile kepha abike iqiniso njengoba linjalo. Yize efike nezinhloso eziphusile kepha uRichard ukhombisa izimpawu zokudideka ngoba usegajwe wuthando lukaPatience. Lokhu kubeka umsebenzi wakhe engcupheni ngoba uma uyintatheli kumele uqikelele ukuthi wenza umsebenzi ngendlela ephusile futhi awuchemi.
Uhlangabezana nembibizane uRichard uma ethola ukuthi uPatience, usebenzisana namavukela mbuso futhi nguyena ocija izitshudeni bese ezijuba ukuthi ziyojoyina amasosha. Yize uRichard efike emsulwa futhi engachemile kepha isithandwa sakhe simfaka obishini ngoba kumele akhethe phakathi kothando nomsebenzi wakhe.
Ngokulunye uhlangothi uPatience ulandela izinqumo nezimiso zakhe kanti isimo sishubile ezweni phakathi ukahulumeni namavukela mbuso. Umbuzo uthi ngabe uRichard uzolalela unembeza noma uzovumela amalangabi othando ukuthi amlawule?