INCWADI: Hot water
UMBHALI:Nadine Dirks
ABASHICILELI:Jacana Media
UMHLAZIYI:Mpume Nzimande
UKUNEKA obala umbhali ukuphila ngaphansi kwesimo esinzima emphakathini waseCape Flats.
Umlobi uNadine Dirks, uxoxa ngempilo yakhe njengentombazane emnyama ekhulele emphakathini oxube izinhlanga.
Empeleni incwadi iHot water, isuselwe esimeni esenzeke ngempela kuyena umbhali. Uthi wayehlukunyenzwa ngoba emnyama, emkhulu ngomzimba futhi enesifo esingalapheki kalula.
Ubalula ukuthi wayephenduka inhlekisa uma efuna usizo nokwelashwa ezikhungweni zempilo zikahulumeni futhi abasebenzi bezempilo babembukela phansi. Umlobi uNadine uthi wayephathwa yi-Endometriosis, isifo esihlasela abesifazane abaningi. Sibenza babenezinhlungu ezingapheli ngasesinyeni noma uma besesikhathini, ngisho bezikhulula.
Uthi yikho okwenza azeyeze ngomzimba wakhe ngoba abahlengikazi babehlekisa ngesisindo sakhe ngoba wayegqigqa emtholampilo njalo. Cishe baningi asebake bahlangabezane nembibizane uma befuna usizo ezikhungweni zempilo zikahulumeni, yilokho umbhali axwayisa ngakho futhi ukhuluma ngento eyenzeka kuyena.
Bayaziwa abahlengikazi bobizo ukuthi banesineke futhi bayabanakekela abagulayo. Kepha uma uhlangane namahlongandlebe, labo abafundela ukuthi bahole imali bazinakekele bona, usuke uhlangene nezimbila zithutha ziholwa ngemnyama phambili. Baluhlaza cwe!
Ungabheka ezinye izincwadi kwi-https:jacana.co.za