UMBHALI: Robin Sharma
ABASHICILELI: Rider Books
UBUYE ngezinkani umlobi oyintandokazi yabaningi uRobin Sharma, ngencwadi ethi The wealth money can't buy.
USharma waziwa ngezeluleko ezinobuhlakani namasu aphusile okwakha umcebo nokugwema izinto ezingakulahlekisela ngemali.
Waduma ngesikhathi eshicilela incwadi ethi The monk who sold his Ferrari.
Kunzima ukucacisela omunye umuntu ngokubaluleka kokuthi ube nencwadi yakho ezokucathulisa kwezezimali, kwezamabhizinisi ngisho nakwezomthetho. Kepha, kusemqoka ukuthi ube nencwadi.
USharma weluleka ngamasu angakusiza ekutheni ufeze izinjongo zakho kwezezimali nezomnotho.
Umlobi ukuchaza kabanzi ukuthi ukonotha komuntu kungaphezulu kwezinto eziwubukhazikhazi.
Uthi umcebo womuntu ngeke wagqanyiswa ngokuba nemali eningi nezinto kuyinsada, nokuvakashela ezindaweni zomntakabani.
USharma ukhuthaza ingcebo yenjabulo, yokuba nozinzo empilweni nenjabulo eyingunaphakade yokwazi ukuthi imali ngeke ikuthengele umusa nothando.
Okubalulekile wukuthi ugxile ekutheni weneme kangakanani empilweni yakhe.