MHLELI: Sekube kuningi ukuqagela ngekusasa lesizwe samaZulu, njengoba kuqeda kukhothama Isilo. Abanye bayazibuza ukuthi, ngabe ozohlala esihlalweni sobukhosi uyophatha kanjani, uma kuqhathaniswa neSilo esiqeda kukhothama? Abanye bathi Isilo besingenzi lutho ukuvikela umlando waKwaZulu nokubumba uZulu. Anginakuphawula-ke ngalokho.
Engizophawula ngakho yilokhu kokuthi sekuzogcwanekela okuyizizwana ekubuseni kobuholi bomdabu. Nohulumeni usezongena agamanxe ekubuseni kwezomdabu. UCogta usuzongena uthi-shi ekulawuleni amakhosi nezinduna zomdabu kuleli. Phela ubuKhosi baKwaZulu yibona obuhlonishwa kakhulu kuleli uma uqhathanisa nezinye izizwe, futhi uhulumeni ubengahlomeki noma ikanjani kusabusa uBhejane phumes'qiwini. OMama beANC nalabo abazibiza ngezinhlangano ezilwela amalungelo abantu besifazane neWorld Health Organisation, sebezobanga umsindo ngamasiko athize; njengoMkhosi woMhlanga.
Sebezoqala phansi bethi la masiko awukuhlukumeza abantu, ikakhulu abantu besifazane. Laba bantu abathi balwela amalungelo abantu, basazobunyakazisa ubuKhosi bukaZulu. Nokugxambukela kwepolitiki kuzokwanda.
Obhalile
Sibahle Ngobese