UMBHALI: C. L Miller
ABASHICILELI: Macmillan
NGABE kukhona into eyigugu kuwena ngale ndlela yokuthi uzimisele ukuthi ubulale omunye umuntu? Ngisho into ethile, hhayi umuntu.
Incwadi The antique hunter's guide to murder, ibhalwe nguC L Miller, yinoveli engathokozisa abantu abathanda izinto zasendulo ezingamagugu futhi ezinomlando emndenini, empilweni ngisho nasesizweni.
Ingqikithi yenoveli ingomuntu obethanda ukugcina nokuthungatha izinto ezingamagugu futhi ezinomlando onothile. Kuvamisile ukuthi uma kushona umuntu kube nento yakhe esalayo emndenini bese iba yigugu kwabozalo, okubalwa amawashi, izigqoko, izindandatho, imigexo nokunye. Inoveli ilandisa ngemikhuba eyenziwa ngabantu abathungatha amagugu nezinto zasendulo okwenza ukuthi bagcine sebexabana noma kuqubuke umona phakathi kwabo.
Uthuka kome amathe uFreya Lockwood, uma efonelwa ngubabekazi wakhe uCarole, emtshela ngokubulawa kuka-Arthur Crocleford, obenesitolo esidayisa izinto ezindala ezingamagugu. Yize sekuneminyaka eminingi bengabonani kepha uFreya uyakhumbula ukuthi ngu-Arthur owamfundisa ngezinto ezingamagugu ngemva kokushonelwa ngabazali bakhe. Phambilini wayefunge wagomela ukuthi ngeke aphinde azihlanganise nomkhakha wamagugu kepha ukubulawa kuka-Arthur kumenza afune ukuzoziphenyela ukuthi ubulawe ngobani, kwenzenjani?
Kepha kunzima satshe ukuthi uFreya athole umkhondo wababulali bese kuqubuka imibuzo yokuthi ngabe yena u-Arthur ndini, ubewathola kanjani amagugu anomlando onothile?