UKHETHO lwalo nyaka lufana nomdlalo womkhumulajezi enhlanganweni ebusayo kuleli i-ANC. Kusukela ngo-1994, bekuhlala kwaziwa ukuthi uma kuyiwa okhethweni i-ANC izokhonya kodwa ligaya ngomunye umhlathi kulokhu.
Kushanelwa amabala wena owabona kuzongena umakoti kwazise phela izwe lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29.
Ukhetho lufika nje, izwe ligubha iminyaka ewu-30 langena kuhulumeni wentando yeningi.
Kuyaqonga ukukhuluma kwabahlaziyi nezingqapheli okuthi i-ANC ingase yehlulwe okhethweni ilahlekelwe wukuphatha izwe. Akufanele kube yinto ethathwa kancane lena ngoba lapha emhlabeni kusakusa.
Zikhona izizathu othi uma uzibheka zenze ukuthi izazi lezi uziphikise ubuye nganeno.
Esokuqala wukuthi ukwesekwa kwe-ANC kubonakale kwehla ezikhathini zokhetho ezedlule ezehlukene. Okhethweni lwango-2019, i-ANC yehlelwe wukwesekwa cishe ngo-4. 5% yathola u-57. 50 isuka ku-62.15 eyayiwuthole ngo-2014.
Okhethweni lohulumeni basekhaya yehlelwa wukwesekwa yalahlekelwa womasipala abakhulu okubalwa phakathi iTheku engalinqobanga ingcaca okwaze kwadinga ukuthi ikipite namanye amaqembu ukuze iliphathe.
Isizathu sesibili wukuzalwa kwamaqembu amasha, hhayi uMkhonto weSizwe kuphela kodwa namanye nje. Amaqembu amasha uma efika awazibumbeli abavoti bawo kodwa atheza laba abebevotela i-ANC.
Ufakazi wokuthi batheza kuyona wukuthi uma bekhankasa bayayigxeka becele ukuthi abantu bayishiye beze emaqenjini abo. Okunye okuqaphelekayo wukuthi amaqembu ayiqinise kakhulu imikhankaso yawo yokhetho azimisele.
Amaqembu aphikisayo ayayisongela i-ANC njalo uma ekhankasa azama ukuyiveza njengokuyiyona nyamazane okufanele ikakwe ijuqwe.
Osopolitiki bayazi ukuthi uma into beyikhuluma beyibelesela ize ikholakale, ingase ibe nomthelela kumuntu uma esethatha isinqumo.
Isizathu sesithathu wukuthi abantu banezikhalo ngezinto ezimqoka ezifana nenkinga kagesi, yinkohlakalo, amathuba omsebenzi, wubugebengu yinhlupheko nendlala nezinye izinkinga.
Amaqembu aphikisayo asebenze kanzima ependa i-ANC njengenhlangano ehlulekayo futhi ekhungethwe yinkohlakalo. Kwayona i-ANC ikhathazekile ngalokhu, izama ukuqhamuka nemiyalezo ekhombisa ukuthi iyayikhuculula le nsila.
Nakuba i-ANC ibhekene nomqansa kunjalo kodwa ingabuyela emandleni ngandlela thizeni. Okokuqala wukuthi uma iwa ingashoda kancane bese ibambisana nelinye iqembu iqhubeke iphathe izwe.
Kusengenzeka ukuthi iphume ngembobo yenaliti inqobe ukhetho ngesibalo esanele ukuthi ibuse izwe yodwa.
Okokuqala nje, wukuthi abantu abaningi bayakwesaba ukwenza ushintsho endleleni abebenza ngayo iminyaka. Abanye basaba ukuthi kungenzeka bethi bayayikhipha i-ANC kanti bazifaka otakwini olukhulu baze babone ukuthi bekungcono ekuqaleni.
Ungathola ukuthi abantu basabambe elentulo ngokuthi yiyona nhlangano eyaletha inkululeko. Abanye bathi yinhlangano abazalelwe kuyona beyifunzwa abazali babo.
Kwayona i-ANC iyakusebenzisa lokho uma ikhankasa ikhumbuza abantu ukuthi kusukwaphi futhi yiyona eyaba wuMose ibakhipha eGibhithe.
Abantu abaningi bavota ngokwethembeka nokuthi basuka kude neqembu. Ufakazi walokho wukuthi i-ANC ikwazile ukubusa iminyaka engu-30 nokusho ukuthi noma befulathela abavoti kodwa abaningi bawa bevuka nayo nakuba kunezinkinga.
Abantu phambilini bake babhoka bekhala nge-ANC kodwa uma kufika ukhetho bayayibuyisela emandleni. Lokhu kuyisexwayiso sokuthi kuyingozi ukunaka umsindo nje ngoba awuthi shu kodwa kukhuluma ivoti.
Okunye wukuthi i-ANC inesipiliyoni uma kukhulunywa ngokukhankasela ukhetho nokulunqoba kade kwasa ikwenza lokhu. Uma isiwuphusha umkhankaso wayo kudilika umthangala yenza konke okusemandleni ukuthi umyalezo wayo uyezwakala.
Okunye obekulokhu kuyisiza kakhulu i-ANC nokusengaqhubeka kuyisize wukuthi ibambisene nezinhlaka ezehlukene.
Idla ogqokweni olulodwa neCosatu eyinhlanganisela yezinyunyana zabasebenzi abaningi kuleli abavotayo. Uma iCosatu isaqhubeka nokweseka i-ANC kuyosiza ngokuthi abasebenzi baqhubeke bayivotele.
Kukhona i-SACP neSanco nabo abangakaqheli kwi-ANC. Ziningi nezinye izinhlaka eziyesekayo ezinabantu abaningi.
Akwaziwa mbhantshi kujiya sekuyobonakala sekuqoqwa ukuthi bayayithena ekaTambo noma iyafohla.