MHLELI: Lapha eNingizimu Afrika sinezilimi ezisemthethweni ezikhulunywayo ngokwehlukana kwezinhlanga.
Sinemisakazo nabasakazi bezinhlanga ezehlukene, kukhulunywa izilimi zethu zesiNguni
Kunento eyenzeka kuKhozi ezindabeni. Uma kukhulunywa isiZulu ezindabeni sekutolikwa ngesiNgisi kutolikelwa thina isiZulu ngesiNgisi.
NgoFebhuwari 19, ngesikhathi kukhuluma uMengameli Cyril Ramaphosa ekhuluma isiZulu eseNanda, kungena le ntatheli iyatolika ngesiNgisi. Ngiyasola bayikhuzile ngoba ithathe umusho owodwa yathula.
Le nto ivamisile ukwenzeka laphaya eGauteng kutolikelwe abeNguni ulimi lwabo ngesiNgisi emsakazweni wesiNguni.
Usekhona umoya wokusiphatha ngobandlululo kulezi zinkampani zezintatheli zaseNingizimu Afrika.
Uhulumeni kufanele aziqaphele zisaqala nje lezi nto, bangaze bajwayele ngoba kuyoba nzima ukuwukhuza lo mkhuba abawuqalayo laba bantu.
Ben Ntlanga
EHAMMARSDALE