INCWADI : How to be the love you seek
UMBHALI: Dkt Nicole LePera
ABASHICILELI: The Orion Spring
KUNZIMA kunoma ngubani ukujabula uma kunobudlelwane obungahambi kahle empilweni. Umlobi weluleka ngamasu okubhekana nesimo esimuncu phakathi kwabangani, izihlobo, izelamani, izithandani, nabazali.
UDkt Nicole LePera, ugogodile kwezokweluleka ngokomqondo futhi useneminyaka esiza abantu. Ngokusho komlobi uma umuntu engathakasile futhi engenelisekile empilweni kuvamisile ukuthi akhiphele ulaka kwabanye ngenxa yesimo abaphila ngaphansi kwaso.
Uthi kuyenzeka kube nomthelela omubi empilweni owenza ukuthi umuntu angazizwa kahle emzimbeni kuze kuthikameze isimo sokulawula imali, ezothando ngisho indlela alala noma adla ngayo.
Uthi ukunakekela umzimba, umphefumulo, umqondo nomphefumulo kusemqoka kumuntu ngamunye.
Wenza isibonelo ngabantu abafuna ukunciphisa imizimba okuthi uma behluleka, bajabhe bese bedikibala. Uthi kuyenzeka ukuthi umuntu azibone eyisehluleki bese ecikeka uma abantu bembuza ngemiphumela yokwehlisa isisindo somzimba.
"Kunabanye benu cishe abathola ukuthi bayakhwantalala futhi baxinekile nasemphefumulweni okuthi uma sebebhekisisa babone ukuthi kade babanezimpawu kepha bazishaya indiva," kubhala uNicole ekhasini 123.
Incwadi ethi How to be the love you seek, iqukethe amasu ambalwa njengezindlela zokulawula ulaka, imibuzo ehambisana nezimpendulo nokunye. Umlobi uthi lokhu kwenzele ukuthi umuntu akwazi ukuhlola izimpawu ezithile ezithikameza isimo sakhe sempilo ngaphambi kokuthi ubonane nodokotela.
UNicole wenza isibonelo ngokudla ebusuku kakhulu uthi kungenzeka uqumbelane esiswini bese ungalali kahle, uvuke ukhathele futhi uzizwe unenhliziyo encane. Uthi lokho akusho ukuthi ugulela ukufa kepha udinga ukuhlela kahle isikhathi odla ngaso futhi uqaphele uhlobo lokudla okudlayo.
Incwadi ingakusiza ekutheni uzinakekele futhi wakhe ubudlelwane obuhle kwezothando futhi ufunde ukuxhumana ngendlela efanele nabanye abantu.
Ziningi izincwadi ezidayiswa yisitolo i-Exclusive Books, kwi-https://exclusivebooks.co.za