UMBHALI: Judy Klipin
ABASHICILELI:Bookstorm
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
AKUVAMISILE ukuthi umuntu athande yonke into ngomsebenzi owenzayo. Okumqoka wukuthi uyasebenza ngakho kuhle ukuthi azame ukuzihlelela kahle ukuze usebenze kahle.
UJudy Klipin umbhali wencwadi ethi Make work work for you: life lessons from the world of work, weluleka ngamaqhinga angakusiza ukuze ungaphelelwa wugqozi uma usemsebenzini ngenxa yokuthi awusakunameli ukusebenza khona.
Kuvamisile ukuthi umuntu aphelelwe wumdlandla nentshisekelo yomsebenzi ikakhulu uma eseneminyaka enza into eyodwa. Kepha, uJudy weluleka ngokuthi akufanele udonse izinyawo ngoba uphelelwa wumdlandla wokusebenza bese uthwalisa abanye kanzima.
Umlobi uthi kuyenzeka kube noshintsho emsebenzini olwenza uphelelwe wugqozi nofuqufuqu lokusebenza. Ubalula izimo ezingadala ukuthi uphelelwe yintshisekelo yomsebenzi njengokushona komunye umsebenzi, ukuhlukana nomlingani wakho ngoba esethole amadlelo aluhlaza. Uthi kuyenzeka abanye abantu bazahlulele bona futhi bazenyeze ngoba bebona abanye abasebenzi bedlondlobala kepha kungenzeki lutho kubona.
UJudy uthi kusemqoka ukwenza izinto ezintsha ezizokwenza ukhohlwe yinto ekujambisayo, ubala ukufundela ukupheka, ukujoyina iklabhu yasebandleni nokunye. Umlobi uthi kuyasiza uma kukhona into ozogxila kuyona kunokuthi uhlale unjimbilili.
Okunye uthi ukushintsha kwezindlela zokusebenza kungenza ukuthi uphelelwe wumdlandla. Ngesinye isikhathi wena uqobo uphelelwa wuthando lomsebenzi bese ufuna amanye amadlelo kanti isikhathi sakho asikafiki bese uyaphoxeka ungabe usaba nogqozi lokusebenza.
Xhumana noJanine [email protected]