NGIZOKWEQA imingcele namuhla. Angitholanga phemithi kuMhleli wezemidlalo weSolezwe, uLungi Majoka, ukuthi ngiphefumule ngendaba ethinta ibhola likanobhutshuzwayo.
Kodwa-ke ukuze angangithumeli amasamanisi, ukuphawula kwami kuzohambela kude nokudlala okwenzeka enkundleni.
Wonke umuntu ukhuluma ngeKaizer Chiefs kule minyaka - abangayithandi nabangabalandeli bayo. Esingekuphike ukuthi iqembu lasePhefeni liyisikhondlakhondla ngempela ebholeni lakuleli. Akusho mina. Ubufakazi bubonakala esibalweni sabalandeli nasemsindweni oba khona uma lizodlala noma kade lidlala.
Hhayi bo! Sikhuluma nje, iZimpofana zimanaphanapha. Mhlawumbe nokubabiza ngeZimpofana akusafanele ngoba noma ngubani uyazinindela nje eqenjini lakwaMotaung. Abanye bakhuluma ngoba bengabalandeli, abanye bami egqumeni lobutha. Babodwa abazakhela imali ngokuba "ongoti" kwezithinta iChiefs, nalaba ababizwa ngezinkakha babhokile.
Kodwa okuyikhona okungisukumisile wumbono okuthiwa uvezwe ngowayengumkhuzi wamasosha nowagcina esephethe eTranskei, ngeminyaka enomlando ongemuhle wepolitiki yakuleli. Ngisho uJenene Bantu Holomisa, ongakaze akufihle ukuthi ulithanda kangakanani leli qembu elizinze eNaturena. UMhlonishwa uHolomisa, njengabo bonke abathandi beGlamour Boys, akeneme impela ngokuthi izinkomishi sezaphenduka abasemzini ePhefeni - nakhu phela isishalazela ukudla umhlanganiso noma ube munye wokuthoba izinhliziyo.
Useyenaba-ke ezinsukwini uNjengele uthi hleze izingane zikaKaizer Motaung, umsunguli nomnikazi weqembu, kuzomele zihlehle ezikhundleni zokulawula iqembu bese linikezwa abazoqashwa ezindaweni zabo. Ukudinwa-ke kunawo umkhuba wokuba kugcine ngabantu bekhuluma into bengayicubungulanga.
Yinkilayitheka yesiphakamiso lesi sikaJenene. Selokhu kwathi nhlo! Vele iChiefs iyifa lakwaMotaung. Igama lilodwa liyakuveza elithi Kaizer (Chiefs). Njengoba uJenene azi ukuthi uma ufuyile noma unengcebo ungumnumzane kuba abantwana bakho abaqhubekayo nokuba yiso kuleyo mfuyo, uma amandla engasakuvumeli. Ungakwazi yini ukuthi, uthi akube abafokazana bakomunye umuzi abanikezwa ilungelo lokwengamela isibaya sakho ekubeni inzalo yakho ikhona?
Yebo, omunye uzothi abalandeli bayinhliziyo yeqembu ngoba uma bengahlehla, kwabaxhasi labo bangabonga bayofuna lapho kunezihlwele khona bese kuba ukuwa kweqembu. Kodwa iqiniso lithi abakwaMotaung bangenza noma yini ngeChiefs uma bebona ukuthi iyabehlula, okuhlanganisa ukuyidayisa isathe ukubheka ukuze bayobeka isivuno sabo engxenye.
Pho manje, uma uJenene eshaya eceleni ngithini mina, uzobuza omunye. Anginambono, ngaphandle kokuthi ohlaba eyakhe akanqatshelwa. Noma ungathini njengomlandeli, ekugcineni iChiefs yifa lezingane zakhe.
Mhlawumbe engingaba nombono kukho ukuthi isimo samaqembu ebholeni lethu elikhokhelayo sithini. Ngiqonde ukuthi lo msindo obangelwa iChiefs, esibizwa ngezahluleki, ungathi ukudamba uma sonke singabuka ngeso lokuthi anjani amanye amaqembu.
Ngiyasola sengathi sisha nendlu - wonke amaqembu angu-17 adlala ku-DStv Premiership anamethwe hlobo lunye lwesikhuvethe esiqaqele abakwaMotaung. Zothi!
Ubunini bamaqembu kuleli bukubo 'obhola lami' - abaningi siyabazi nokuthi bafuna nokusetha izikimu beqe abaqeqeshi bemqashile. Akungaphunywa iqhubu nabakwaMotaung.
Ngithe-ke angu-17 amaqembu ngoba elilodwa (iMamelodi Sundowns) lisesenhlanhleni yokutakulwa "umsindisi" onguPatrice Motsepe, okusengathi usheshe wakhanyiseleka ngendlela yokwenza yesimanje. Nakhona belu kwiSundowns kuphethe umndeni wakwaMotsepe. Kuwubekaphi-ke umbono kaNjengele lokho?
Kunomswenya oququda izingxabo zomdlalo omuhle kangaka othandwa ngabantu. Akungathi ngoba usunqampula nasempandeni enkulu yaseSoweto, abantu bese bechapha abakwaMotaung ngayo yonke inhlobo yenhlamba sengathi ukubuna kwesithombo kuqala ngabo. Asifune umswenya, ibhola liyovuka qingqo. NabakwaMotaung bayohluma futhi.