MHLELI: Ngifisa ukudlulisa isicelo sami kuMhlonishwa uBheki Cele onguNgqongqoshe wezamaPhoyisa eNingizimu Afrika.
Umsebenzi osuwenziwe umbutho weSikebhe ikakhulukazi laphaya eShowe, eNkosini yakwaNtuli eMbongolwane, uvumbulula ukubulawa kwabantu kade sekuhluleke amaphoyisa akhe.
Sekwabulawa cishe abantu abangaphezulu kuka-20 kodwa akukaze kugwetshwe muntu. Umbutho weSikebhe awunayo imoto yokulanda izephulamthetho zizophenywa imisebenzi yokuntshontsha imfuyo nokubulawa kwabantu.
Isifiso sami ukubona uMhlonishwa uCele ekunikela ngosizo kwiSikebhe ngoba asicoshi ndawo, uma kuphuma imoto iyolanda isephulamthetho umphakathi ushaya indishi yemali kaphethroli, kucelwe usizo konemoto.
Ndosi, nikela ngemoto embuthweni weSikebhe! Ngiyabonga.
Okhathazekile
ESHOWE