MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngicela ukusika elijikayo ngensizwa esiyilandela kakhulu siyizinsizwa zasemakhaya esabuthwa sakhuliswa nayo ngobunsizwa ogama layo nguNkosikhona “Phakel'umthakathi” Ndabandaba KwaMandlakazi.
lzifundo zikaPhakela ezinkundleni zokuxhumana zinhle kakhulu, ziyalandeleka futhi ziyakha. Kamuva nje, ngibona le nsizwa isiphuma esandleni. Yebo ngiyavuma, imibono ngokwepolitiki iyahlukana kodwa enye yama-video asanda kuyenza egxibha khona uNxamalala, imsola ngokuvula iqembu nangokuthi waba nomthethelela kwizibhelu zango-2021, ayishayi khona.
Ipolitiki siyayithanda kodwa ayingasisusi kwesiyokho, inhlonipho ayibe phambili. Le nsizwa yenza umsebenzi omuhle ukufundisa abafana abasakhula ezindaweni ezahlukene kepha ngibuka bezodukiseka uma bezophinde bambone esedelela abantu abadala. Yehlisa nkunzi yakithi, ungavumeli ipolitiki ikukhiphe ekubeni uyinsizwa evuthiwe nenabantu abaningi ababukela kuwena #Ayizond'inkabi!
Mxolisi igwazangubo Buthelezi
ENQUTHU