MHLELI: Ngicela ukusika elijikayo ngento engiyifunde kwiSolezwe lango-Ephreli 26, 2024. Ngidumele ukuzwa uMduduzi Shabalala ekhala ngokuthukwa abalandeli beKaizer Chiefs uma lisuke lidliwe iqembu.
Abalandeli abenza leyo nto ngiyayigxeka kakhulu. Zenzeni izingane ngoba zidinga ukulekelelwa ngabadlali abadala ukuze zenze kahle enkundleni.
Akungalindelwa ukuthi lezi zingane zithwale iqembu elikhulu njengeChiefs evele futhi ibhekwe yisambane sokunganqobi izinkomishi iminyaka ecela kweyisishiyagalolunye.
Mina sengiphawule kaningi kuleli phephandaba ngokuqaliswa kwezingane emidlalweni enzima bese kulindelwa ukuthi zitakule iqembu.
Ngazi ukuthi uma umdlali esemncane eqenjini elikhulu udlaliswa imizuzu ewu-15 kuya kwengu-20.
Nalapho kumele banikwe leyo mizuzu uma iqembu selihamba phambili ukuze bajwayele.
Ukubathuka kuyabalimaza, bazolahlekelwa ukuzethemba. Bona ngabe umunwe bawubhekisa kuCavin Johnson umqeqeshi osephelelwe ngamaqhinga.
Njengamanje uma ebophela abadlali useyaqagela. Into edala ngisho kanjalo yindlela ashintsha ngayo abadlali umdlalo nomdlalo.
Ubuyise uMduduzi Mdantsane emdlalweni ne-Orlando Pirates, wadlala kahle. Emdlalweni olandelayo akasekho usehleli ebhentshini. Umdlalo nomdlalo uthola ukuthi wenze izinguquko ezinhlanu kuya phezulu.
Phambili sengiyichaze kaningi le nto yokuthi iChiefs ithembele kakhulu ejubaneni lika-Ashley Du Preez, Pule Mmodi noChristian Saile.
Amaqembu abadlala nawo aseyazi ukuthi kumele agade amabhola amade azoqhamuka kubadlali basemuva eya kuDu Preez.
Alidlalwa ibhola esiswini. Uma ezokhipha umdlali noma yinini uqala ngoMmodi ekubeni akukho ukubambisana phakathi kwakhe noDu Preez.
Asiyeke ukuthuka izingane ezincane sibulala ikusasa lazo.
Sbu Mhlanga
EMTUBA