LUGUJWE ngesiqubulo esihambisana nokunakekelwa kwemvelo kuleli usuku olukhulu lwezokuVakasha, iWorld Tourism Day. UMnyango wezokuVakasha ngoLwesibili uhlangane nezinhlaka ezahlukene kulo mkhakha e-Ecology Lifestyle eWestern Cape lapho lugujwa khona lolu suku ngesiqubulo esithi Rethinking Tourism.
IMeya kaMasipala i-Overberg uMnuz Sakkie Franken yamukele izivakashi eziqhamuka nakwamanye amazwe. UFranken uchaze le ngxenye yesifundazwe noma indawo yabo njengendawo engajwayele ukuvakashelwa abantu abaningi nofike kahle lo mcimbi ngosuku oluyingqophamalando kubona.
Amaciko endawo awavalelwanga ngaphandle kwazise anendima enkulu ekujabuliseni izivakashi. IBotriver Marimba ibilokhu iwaqhulula amanoni isebenzisa nezinsimbi ezahlukene.
UNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli uNkk Lindiwe Sisulu ubhalele izakhamuzi umyalezo kwiTwitter ozikhuthaza ngalo mkhakha. UNkk Sisulu uthe lolu suku lumqoka kakhulu kwazise luhambisana kahle neNyanga yamaGugu." Namhlanje njengoba sigubha usuku lwezokuVakasha umhlaba wonke futhi sesiphetha nenyanga yamaGugu asiwabungaze amandla ezokuvakasha. Ukwakha amaxhama okuxhumana nendima eziyiklamayo ekuthuthukiseni umnotho nokwakha ubumbano ezizweni ezahlukene," kusho uNkk Lindiwe Sisulu.