SEBEKUBHEKE ngabomvu ukuyokhangisa ngomsebenzi wabo wemfashini, abasiki bengqephu abasafufusa abawu-22, abaqokelwe ukubamba iqhaza embukisweni wengqephu waminyaka yonke iDurban Fashion Fair (DFF).
I-DFF izoba ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu, e-The Station Urban Event Space, lapho abasiki bengqephu abacijwe ohlelweni olubizwa nge-DFF Mentorship Programme, bezokhangisa ngemisiko yabo emcimbini.
Lolu hlelo lwabasiki bengqephu abasafufusa, lubuya ihlandla lika-13 nonyaka, kanti inhloso yalo wukufukula osomabhizinisi bemboni yezemfashini, futhi kwakhiwe namathuba omsebenzi.
Laba basiki bengqephu abawu-22 abasafufusa bacijwe yiFezile Fashion Skill Academy izinyanga eziyisishiyagalolunye, becijwa kabanzi ngokumele bakwazi futhi bakuqonde ngale mboni.
Bafundiswe ngobuciko bokukwazi ukukhetha indwangu efanele lowo nalowo msiko owenzayo, ukuphatha umkhiqizo wabo ngendlela efanele, ukumelana nezindleko zebhizinisi nokudoba abathengi.
Omunye wabakulolu hlelo, uNksz Nondumiso Mhlongo, wenkampani iCurved Ndlovukazi, nobewuthisha iminyaka ewu-20, uthe ujabule ngalolu hlelo akholwa wukuthi luzomsiza ukuze ubizo lwakhe kwezemfashini lumsebenzele.
Omunye futhi, uNksz Nokwazi Mkhize weTailor Made by Kwazi, uthe lolu hlelo luzomnika ithuba lokukhangisa ngemisiko yakhe ebantwini abaningi, adobe namakhasimende amaningi.
Abasiki bengqephu abathathu abazokwethula imisiko ehamba phambili kulo mcimbi bazohlonishwa ngomklomelo i-DFF Recognition Award. Kanti isiqubulo somcimbi nonyaka sithi Coming of Age, okusho ukukhula, ukhuphukele kwelinye izinga.
Kulo mcimbi onemibukiso ewu-11, kuzobe kukhonjiswa ithalente labasiki bengqephu abasafufusa nasebemnkantshubomvu ababalelwa ku-70 abavela kuyo yonke i-Afrika. Kuzoba khona nesitolo sesikhashana esizoba nemikhiqizo ekhiqizwe kuleli zwe.
Amathikithi awo atholakala ku-www.webtickets.co.za noma ezitolo zaseBoxer nasePick n Pay. Amathikithi abiza uR120 umbukiso ngamunye. Kukhona namathikithi okungena kuyona yonke imibukiso yosuku abiza uR250, kuthi amathikithi e-VIP awokuhambela zontathu izinsuku zombukiso abe wuR500.