SESISUSE umsindo isikhwama sikaDJ Maphorisa senye yamalebuli amba eqolo navame ukubonakala kwabayizinkinsela. Lesi sikhwama sikaMaporisa esaziwa ngeHermès Birkin sesimangaze abaningi njengoba senziwe ngezindlela ezehlukene okubalwa eyabesifazane nabesilisa. Ekuqaleni kwale nyanga uMaporisa uke wabonakala naso lesi sikhwama endaweni yokungcebeleka iPraia Da Rocha Faro esePortugal.
Ngokujwayelekile eNingizimu Afrika sikhonzwe kakhulu abesifazane nezakhiwo zalezi zikhwama zithi azifane nokudide abaningi. UMaphorisa ushaye ngalesi sikhwama esithathwa njengezinye zezinto umuntu angaba nazo njengomcebo. Imvamisa izikhwama zamasekeni avamise ukudayiswa ezitolo zakwi internet ziqala ko-R220 000 lezi ezisuke zishibhile zabesifazane.
Yize uMaphorisa engayimemezelanga imali asithenge ngayo lesi sikhwama kodwa kucacele noma ngubani ukuthi simba eqolo kwazise esabesilisa. Imvamisa ezinye zezikhwama zeBirkin zabesilisa zitholakala ngo-R370 000 kuya nangaphezulu, kanti ezinye izikhwama zale lebuli zingaba u-R2 million dollars.
Abantu abafuni nakuyizwa eyokubiza kwalesi sikhwama nokuthi sifanelwe ukuphathwa ngabesilisa.
" Isikhwama sabantu besifazane lesi noma ngabe siwu-R500 000,"kusho uLloyd King Banjwa.
" Nah, lesi sikhwama siyawona umswenko,"kusho uSphelele Blose.
"Yilesi sikhwama abathi ungathenga iPolo wakhe no-4 room," kusho Sphamandla Vuyo Mkhwanazi.
" Ngicela uqinisekise ukuthi unawo umasingcwabisane ngoba amaciko amaningi eNingizimu Afrika ashona engenayo imali yomngcwabo," kusho u-Ivan Filbby Mohoni.