KUZOQOPHEKA umlando uma amabhinca esedlana imilala ngokukhangisa ngengqephu ngoDisemba 10, ngo-10 ekuseni eDurban Music School, eThekwini.
Ngokusho komgqugquzeli womqhudelwano, uSizakele "Sizah" Sibiya, amabhinca azoncintisana ngemvunulo bese kulandela amajongo namajongosi baqhudelane ngomswenko wesintu.
USizah uthe inhloso ukuqhakambisa isiko labantu abamnyama elinganakiwe. Uthe ufuna ukugqugquzela abantu abamnyama bangakhohlwa yimvelaphi yabo.
"Ngifuna abantu abamnyama bagcine sebekwazi ukuziphilisa ngamasiko nangezinto zesintu. Bengazibukeli phansi," kusho uSizah.
Uqhube wathi ozophuma phambili uzohlabana ngoR5000, isibili sithole uR3000, bese isithathu sithotshwa inhliziyo ngoR2000.
Emncintiswaneni i-Amabhinca Fashion Show Competition and Showcasing kuhlelwe ukuthi kunandise uThokozani Langa, Bahubhe, Maquantum, Ithwasa Lekhansela, Osukasambe, Saliwa, Stabhilithi, Malahle, Mjolisi, Mjikelwa, Mkhonto Nsele, Limit, Bhunu Leplazi, Sanda Magubane, Oswenka, Gadla Nxumalo noProphet Sibiya.
Abazobe bephethe uhlelo ngoMC Namba 4, KissBefore, Dr Life, MC Ntezimnandi noNkunzemnyama. USizah uthe akuzojoyinwa futhi nezithameli ngeke zingene ngemali emnyango.