UMHLELI wemicimbi osezakhele olukhulu udumo ngalo msebenzi eClermont, uKwazikwakhe Zulu odume ngoStix uthi, uza nendumezulu yomcimbi angangabazi nangephutha ukuthi abathandi bobumnandi bazowuthokozela. Uveze ukuthi lo mcimbi uzohlanganisa uMaskandi kanjalo neR&B, Soul kanjalo neJazz.
Uthe lo mcimbi uzobanjelwa khona eClermont, ubizwa ngeClermont Maskandi Picnic kanti kuzokuba kungowokuqala futhi uzobakhona minyaka yonke.
“Kudala sizibona izinto zenzeke kwamanye amalokishi, lesi isikhathi sokuthi nathi njengeClermont sisukume sizenzele, uma kungasukumi thina akekho ozosukuma,” kusho uStix othe lo mcimbi uzobanjelwa ezinkundleni zaseKK, KwaDabeka.
Uveze ukuthi inhloso enkulu ukuheha izivakashi ukuthi zize eClermont zizozibonela ubuhle baleli lokishi. Uthe kuyaziwa ke ukuthi ukufika kwabavakashi kwanda umnotho kudaleke namathuba omsebenzi.
Uthe kuyona yomibili lemicimbi kuzoba khona noSlindile Langa weVuma FM ophinde abe ngumhlali wakulona leli lokishi. “Siyaziqhenya ngawo wonke amaciko aphuma kulelilokishi, sizimisele ngokukhiqiza amanye amaningi,”kusho uStix.
Uphethe ngokuthi umcimbi weClermont Maskandi Picnic uzokuba ngoNovemba kanti iJazz neR&B izokuba ngosuku olulandelayo.