ZINCOME ukukhuliswa ngenhlonipho nokuthembela kuNkulunkulu ezithe zikufundiswe wunina izingane zikaThabiso Sekwane enkonzweni yomngcwabo wakhe ebise-3C Ministries e-Irene, Centurion.
UThabiso owayengumsakazi eziteshini ezehlukene okuyiYFM, Kaya FM, SAFM nePower FM, ubefihlwa ngoLwesihlanu. Wayeshade noDJ Fresh kodwa abese bedivosile naye emva kweminyaka engu-20 beshadile baze baba nezingane ezine.
Enkonzweni yomngcwabo wakhe, izingane zakhe zikhombise ukuba nesibindi zaphinde zancoma amagalelo kanina ekuzikhuliseni ngendlela.
Enye yamadodakazi akhe, ithe iyezwa abantu bethi ayikhombisi ukukhathazeka njengoba ishonelwe ngunina okuyinto ethe ngeke iyenze ngoba unina uyikhulise ngokuthembela kuNkulunkulu. Ithe ikhule ingakukhonzile ukuya esontweni kodwa unina wayenza yakwazi ukuqonda ngokubaluleka kwalo. Ithe kumanje igxile kangaka nje esontweni kungenxa kanina oyifundise nokuthandaza. Iveze ukuthi umthandazo iwona oyiqinisayo futhi izoqhubeka nokukhonza uNkulunkulu.
Enye yamadodana akhe nayo ifike yahamba phezu kwalawo mazwi. Iveze ukuthi ekhaya bayathandaza kakhulu, yathi njengoba kushone unina ibona ukuthi abathandazi ngokwanele kodwa yinto abasazoqhubeka nayo njengoba kuyiwona umkhuleko ebona ukuthi uzobenza bakwazi ukuqhubeka nempilo kalula.
Indodana kaThabiso endala, uThato Jr, ithe alukho usizi nobuhle abeba kubona unina abebengakwazi.
“Ngiwufakazi wobunzima nobuhlungu ayekubona ngesikhathi kuphela umshado wakhe. Bengihlala ngikhona ngibona konke okwenzekayo. Phezu kokuba kunjalo kodwa umama akazange akhohlwe yithina. Yize bebengasashadile nobaba kodwa ubaba ubemzwela kakhulu umama. Bekungokokuqala ngibona ubaba ekhala njengoba kushone umama. Selokhu ngabakhona angikaze ngimbone ekhala,” kusho uThato.
Ekhuluma emngcwabeni kaThabiso, uDJ Fresh uthe uyabonga ukuthi izingane zabo zimfuzile unina. Uthe kunemibuzo ebezimbuza yona ngesikhathi unina engeniswe esibhedlela abengacabangi ukuthi zingayibuza nokuyiyona eyenze wabona ukuthi zimfuzile. Enye yamadodakazi akhe uthe imbuze ukuthi usekulungele yini ukuba wumzali ozozikhulisela izingane zakhe yedwa? Lokho uthe kuthe ukumthusa kodwa wakhumbula ukuthi imibuzo engalindelekile njengalo ubengawubuza uThabiso.
Yize bese bedivosile kodwa bebekhulisa izingane zabo ngokubambisana nokuyinto eyaze yanconywa wuThabiso eminyakeni edlule. Ushone eseneminyaka engu-50 kanti nozakwabo nabangani bamkhumbule ngezinto eziningi nokuthuthukisa intsha ezinhlakeni ezahlukene.
Emngcwabeni kaThabiso bekungavumelekile ukuthi abantu bagqoke izimpahla ezimnyama.
Ngakolunye uhlangothi, kuhlonishwe imbongi uBishop Jessica Mbangeni enkonzweni yesikhumbuzo somngcwabo wakhe ebise-The Market Theatre, Newtown, Johannesburg, (John Kani Theatre).
Kule nkonzo yesikhumbuzo bonke abantu abebeyihambele bebegqoke ngokwesintu ukuhlonipha uJessica.
Ukugqoka ngale ndlela bekuyindlela yokuhlonipha uJessica ngamagalelo akhe kwezobuciko.