USOMABHIZINISI uKgolo "DaGuru" Mthembu usephumele obala ngesimo somshado wakhe namabhizinisi abenawo eThekwini, athi akusekho ngenxa yobunzima abhekane nabo empilweni kusuka kugasele iCovid-19.
UKgolo ubekhuluma noMo noPhindi kwiLove, Mariage, Family Podcast.
Uthe nguye owakhetha ukuthi unkosikazi wakhe u-Annie Mthembu ashiye ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.
Uthe wakwenza lokhu ngoba esebona sengathi sebeveza konke ngomndeni wabo emphakathini.
Uthe babesanda kushonelwa yizingane ezintathu ezachitheka nokwaba yisikhathi esinzima empilweni.
UKgolo uthe impilo yaqala ukuba nzima kuhlasela iCovid-19, eyamenza wangasebenza ngokukhululeka ezindaweni zakhe zobumnandi iLuma neViews at Twenty5.
Uthe ngemuva kwalokho bahlaselwa wumlilo kaningana abangazi ukuthi wawuqhamukaphi emabhizinisini ahlukene, kwahlasela nezikhukhula.
"Zonke lezi zinto zenzeka ngokwehlukana futhi siyazibuza ukuthi kwakwenzekani empilweni yethu. Kodwa ukufika kweCovid kwenza ngabona sengathi umhlaba uyaphela. Ngaqala ngenza izinto ngendlela yokunganaki, ngazinikela ekuphuzeni utshwala ngaze ngangaba naso nesikhathi sokuba nomndeni wami nabantu abasondelene nami.
"Ngonyaka odlule usuku nosuku ngangiphuza amabhodlela amabili ewayini ngenxa yokuthi izinto ngase ngibonile ukuthi azihambi kahle. Kuke kwafika isikhathi lapho ngizikhuza khona kodwa ngabona ukuthi ngiyahluleka ngakhetha ukuyofuna usizo esikhungweni esithize eGoli, nakhona ngabona ngizichithela isikhathi, kwaze kwaba yimina engizitshela ukuthi ngifuna ukuyeka le mpilo," kusho uKgolo.
Uthe izinto azenzile empilweni yakhe zilimaze abantu abaningi njengoba emaningi amaphutha awenzile ebona ukuthi izinto azihambi kahle.
"Yimina engabona sengathi impilo yethu sesiyiveza kakhulu emphakathini. Lokho nje kukodwa ngabona ukuthi kwaba nomthelela ekutheni izinto ziqale ukungahambi kahle phakathi kwethu. Ngiphoxe abantu abaningi futhi ngiyathandaza ukuthi ngelinye ilanga bangixolele, ngikhethe iNkosi kulo nyaka ngabhabhadiswa ngenxa yokuthi ngifuna ukushintsha," kuchaza yena.
Akaphumelanga obala ngokuthi umshado wabo usekhona yini noma cha kodwa uvezile ukuthi abahlali ndawonye.
Uthe manje akanayo ngisho imoto njengoba yadliwa esematasa ethenga enxanxatheleni yezitolo iCornubia, eThekwini.
Muva nje uthe uke wagibela ibhasi netekisi eya eGoli esuka eThekwini njengoba impilo esezitshelile ukuthi kumele ayiqale phansi.