SEKUVELE ukuthi sekubalwa izinsuku ngaphambi kwendumezulu yomshado phakathi kukamrepha wamanoni ashisa izikhotha uKwesta noYolanda Mvelase.
Umthombo osondelene nabashadayo upotshozele Isolezwe ngeSonto ukuthi bazobopha ifindo likasofa silahlane ngoMashi 22, eGoli.
“Ngeke ngande ngokuningi kodwa engikwaziyo ukuthi izinhlelo zomshado zimi ngomumo,” kusho umthombo.
Umthombo uqhube wathi umshado omhlophe uzoba ngoLwesihlanu, kuvukwe ngoMgqibelo kube umabo.
Ethintwa uKwesta ngalezi zindaba akaphikanga futhi akavumanga.
“Sisi ngicela ukungakhulumi ngomshado. Ngiyabonga,” eshaya ngamafuphi.
Kulindeleke ukuthi umshado kaKwesta noYolanda kube ngomunye wosaziwayo omkhulu kulo nyaka.
Kubhekeke ukuthi uhanjelwe yinqwaba yosaziwayo ngenxa yodumo uKwesta analo kwezokungcebeleka kuleli naphesheya. Ngakolunye uhlangothi uYolanda uzalwa ngusomabhizinisi ohlonishwayo waseThekwini, uVusi Mvelase, ozakhele udumo ngokudayisa izimoto nokuphatha abaculi.
Ngokolwazi oluvelayo uKwesta noYolanda sebebe ndawonye iminyaka ecela eshumini, banendodakazi uKhai Asemahle Bulelwa Vilakazi.
Ukudlondlobala kothando lwabo kubonakale nangokwenza kwabo imichazo (tattoo) afanayo ayizindandatho.
Ngo-2017 bashaya into ecokeme uKwesta embesa uYolanda, kwathi ngonyaka odlule kwaba nombondo omkhulu.