IBHEKWE ngabomvu incwadi ekhuluma ngempilo yomsakazi wezemidlalo uRobert Marawa okulindeleke ukuthi iphume ngo-Okthoba 26.
Incwadi iGqim Shelele, okuyitemu uMarawa aziwa ngalo uma esevala izinhlelo azethulayo, ibhalwe yintatheli uMandu Wiener.
Ukufakwa kwama-oda kuvuliwe futhi izotholakala ezitolo zezincwadi ezehlukene.
UMarawa ufake emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana ukuthi unesimemezelo esikhulu nokuyilapho edalule khona ukuthi uza nale ncwadi.
Imizamo yokumthola ngempelasonto ayiphumelelanga njengoba engayiphendulanga imiyalezo athunyelelwe yona. Ngokwezithombe abezifaka ekhasini lakhe le-Instagram, kuvela ukuthi akekho kuleli useLondon, e-United Kingdom.
Ngokwamazwibela encwadi, izokhuluma kusuka ekhula kuze kube yilapho ekhona manje.
“Njengomfana omncane obehlanyiswa yibhola ekhulela emakhaya KwaZulu-Natal, uRobert Marawa, wayelalela kusakazwa ibhola emsakazweni. Ekhula wayechitha isikhathi esiningi eziqeqeshela ukusakaza ngomshini womdeni wokuqopha ama-video, efunda amaphephandaba unina ayembekela wona ngesikhathi efunda esikoleni eHilton ehlala khona,” kusho incwadi.
UMarawa osebe ngumsakazi wezemidlalo nakwithelevishini iminyaka engaphezu kuka-20, uzoveza uhambo lwakhe kwezokusakaza. Uzobe eveza kusuka ethula iNdebe yoMhlaba, ukukhuluma nomengameli, ukuxoshwa kwakhe, ukumiswa kwakhe emsebenzini “nakholelwa wukuthi osopolitiki abazama ukuqeda ngomsebenzi wakhe.”
“Ukhuluma ngeqeqebana labantu eselimkhiphe kaningi emoyeni, imibiko yamaphephandaba ngempilo yakhe nezigameko eziningi lapho acishe wafa khona.”
Uphinde akhulume ngoguquko kwezemidlalo nokuthi kungani iBafana Bafana yehluleka.
Kusuka kuvele ukuthi incwadi isendleleni, abalandeli bakhe bakhombise ukuyithakasela. Owayenguzakwabo eSupersport uCarol Tshabalala umhalaliselile. Abanye baphakamise nokuthi akayethule kuzona zonke izifundazwe.