UNGIZWE uthi ufuna ingxenye yemali eyenziwe inkampani yakwaMultichoice ngetemu athi waboshelwa lona elithi Azikhale! nabalisebenzisa manje njengoba bekhangisa uhlelo iBig Brother Mzansi.
Ukusho lokhu kwi-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho ethe wagcina ekwazile ukungena kule nkampani eseRandburg, eGoli, ngoMsombuluko.
UNgizwe uveze ukuthi uze kule nkampani kulandela ukuthi ebone amabhodi agcwele idolobha eGoli, anombhalo othi Azikhale!
Uthe okumenze waya kule nkampani ukuthi akekho kule nkampani omthintile efuna baxoxe mayelana nokusebenzisa leli temu.
“Badla imali ngaleli temu ekubeni mina ngaboshwa ngalo, ngeke ngikuvume lokho. Ngila ngizoxoxa nabaphathi ngalo leli temu kuphela akukho okungale engikufunayo. Kumele kube khona abanginika kona ngalo njengoba sebelisebenzisile nje mina ngingazi. Akekho umuntu owake waxhumana nami ngalokho, nokuyinto okumele bangiphendule kuyona," kusho uNgizwe.
Uthe kumcasulile okwenziwe onogada bebavimba ukuba angene akhulume nabaphathi, kodwa uyajabula ngoba bagcine bengenile bahlangana nezinye izikhulu.
Kulolu hambo ubehamba nabesilisa obekukhona kubona noBonginkosi Khanyile, owaduma ngomkhankaso iFees Must Fall, obelokhu ezwakala ethi bayafuna ukungena kule nkampani njengoba bebevinjwa onogada, bona banamasheya ngaphakathi kuyona manje.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicelela abakwaMultichoice bengakaphawuli nemibuzo abathunyelelwe yona bengakayiphenduli.