UMNDENI womlingisi uMenzi Ngubane uthi ufuna lingalibaleki kalula igama lakhe kubantu bakuleli njengoba eshone esafuna ukwenza izinto eziningi ezithinta uhambo lwakhe kulo mkhakha.
UBonni Ngubane, ongusomabhizinisi ngomunye wabasunguli beqophamlando elikhuluma ngempilo kaMenzi, iThe Life and Times of Menzi Ngubs Ngubane, elizoqala ukukhonjiswa ema-cinema eNu Metro, ngoSepthemba 2.
Ekhuluma neSolezwe uthe kufezeka isifiso sabo njengoba uMenzi bemfanisa neqhawe lakubo elisheshe ladlula emhlabeni, lisasebenza kanzima.
“UMenzi udlule ngesikhathi somvalelandlini kuleli. Besisalinde lukhulu kuyena kodwa-ke uMdali ube nezinye izinhlelo. Esifuna ukukukhombisa abantu wukuthi ungubani kahlehle, ukhule kanjani kuphi, wafunda kuphi nokuthi kulo mkhakha wokulingisa ungene kanjani njengoba engawuyelanga esikoleni, kodwa wenza ezibukwayo kuwona wazakhela igama kuleli. Sihlele ukuthi leli qophamlando silethule kubantu ngo-Agasti 28, lapho siyobiza khona abantu abambalwa nabezindaba, bese abantu belijabulela kusuka ngomhla ka-2 Septemba,” kuchaza uBonnie.
Uthe kwiqophamlando kuzokhuluma abantu abahlukene, okukhona kubo umndeni nabantu asebenza nabo, uMbongeni Ngema nabanye.
“Kusuka ngomhla ka-2 kuya ku-4 Septemba, khona ema-cinema aseNu Metro, sizophinde sikhombise amafilimu agcina ukubonakala kuwona, okukhona kuwo ethi The Cargo, ashona isaqoshwa. Kukhona namanye okukhona kuwo iHow to Steal 2 Million, nawo sowakhombisa ukuze abantu bajabulele umsebenzi kaMenzi futhi esimhlonipha kakhulu ngawo,” kuqhuba uBonni.
Uveze ukuthi yize uNu Metro isemadolobheni amakhulu kodwa sebexhumene nabantu abanamabhayisikobho emadolobheni amancane lapho iqophamlando kulindeleke ukuthi likhonjiswe khona.
Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi lifinyelela kuwona wonke umuntu kuleli.
Uveze ukuthi yize bengakasithathi isinqumo kodwa bahlela ukuthi kube nombukiso wamafilimu ozoqanjwa ngoMenzi futhi babe nomcimbi wezindondo ozoqanjwa ngaye.
UMenzi owake wabonakala kuGenerations kwiSABC 1 neSibaya kwiMzansi Magic washona ngoMashi nyakenye emva kokuxinwa yisifo sezinso.