KUJWAYELEKILE ukuthi abahleli bemicimbi bezitebele zomculo, nohulumeni bahloniphe amaciko akuleli engasekho emhlabeni nokwenza kungabi namthelela otheni. Kepha, kulokhu benza okuhlukile.
Kusasa kuhlonishwa indlovukazi yomculo wokholo nengelinye lamaciko aduma ngezikhathi ezinzima eNingizimu Afrika, uRebecca Malope. Exoxa nephephandaba uRebecca, uthe ukuhlonishwa engasaphila kumenza abenovalo ngoba maningi amaciko ahambayo emhlabeni.
URebecca oneminyaka ewu-35 engumculi, usho kanje ngenxa yokuthi uzohlonishwa esadla anhlavana ngenyanga yephasika. Kuhlelwe idili lefestiveli lokumhlonipha nokubungaza amagalelo akhe emkhakheni yezomculo. Ifestiveli izoba kusasa eBears Palace, eMpumalanga, kanti izobe igabe ngabaculi abanamava.
UMalope ukuthatha njengesibusiso ukuhlonishwa esaphila futhi uzoba yingxenye yomcimbi. Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekupheleni kukaNovemba ngo-2021 uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, wamhlonipha ngendondo i-Order of Ikhamanga, ngamagalelo akhe kwezomculo, nokuhlanganisa amazwe ahlukene ngomculo.
"Kule minyaka ngisemkhakheni womculo bengilokhu ngisaba ukuthi ngokunjulwa, ngithandwe ngoba sengingasekho emhlabeni. UNkulunkulu usengibusise kakhulu waze waqinisekisa ukuthi ngiyabungazwa ngisaphila kahle. Kubahleli bomcimbi ngizizwa ngibusisekile, sengijahe nokubona engihlelelwe kona ngoba angitshelwa konke sekobonakala sekwenzeka," kusho uRebecca.
Phakathi kwabaculi abasohlwini lokunandisa kubalwa uSipho Makhabane, Solly Mahlangu, Hlengiwe Mhlaba, Takie Ndou, Sipho Ngwenya, Ncandweni Christ Ambassadors, Kholeka, Lusanda nabanye. Kwenziwa umcimbi nje, nanyakenye kwaqopheka umlando kule ndawo kunendumezulu yomcimbi weStrictly Kwaito Legends eyayinabantu abangu-15 000, ngesikhathi kuhlonishwa isilomo somculi wekwaito, uBonginkosi " Zola 7" Dlamini.