I-ALBHAMU entsha kaSjava, Isibuko, ephume ngoLwesihlanu iphendule imibuzo yokuthi kungani ethathe isikhathi eside kangaka ukukhipha.
Ngosuku okuphume ngalo i-albhamu, uSjava ube sematheni ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwaqanjwa usuku lwangoLwesihlanu njengoSuku lukaSjava.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto ngaphambi kokuphuma kwe-albhamu, umculi uzwakale engumuntu ojabulile ukuthi ekugcineni usewuqedile umsebenzi.
“Ngiyaxolisa nakulabo ebese ngigcina ngixabana nabo endleleni uma bengibuza ukuthi iphuma nini i-albhamu kodwa ngiyazi abanye babo yibona abazobe sebexolisa kumina ngoba bazozizwela ukuthi bekusetshenzwa kungadlalwa,” usho kanje uSjava nge-albhamu entsha.
Eqhuba, uthe kukona konke adlule kukona kule minyaka edlule, uyajabula ukuthi ugcine ethola amandla amasha okusukuma abuyele e-studio okuyilapho abizelwe khona.
“Lesi yisikhathi sokuthatha amandla amasha, ukululama okusha nokuzalwa komphefumulo kabusha. Ngithemba ukuthi nabanye ababukela okuhle kumina bazobona ukuthi akukho okungenzeki uma uzimisele futhi inhliziyo yakho isondelene nakho,” kusho uSjava.
Uthando lukaSjava kubalandeli bakhe lugqame kakhulu nangonyaka odlule ngesikhathi evala unyaka e-ICC ngekhonsathi okwaze kwaphoqeleka ukuthi andise ngosuku lwesibili ngenxa yokuthengwa kwamathikithi.
Ebuzwa ngempilo yakhe yangasese, ukuthi singamlindela yini ukuthi athathe maduze, uthe okwamanje usazimisele ukwakhela unina umuzi.
“Akusafani nakuqala lapho ubulekelelwa khona ekhaya uma uthatha kodwa manje kumele uziqalele uziqedele nokuyinto okungamele uyijahe uma izinto zingakahlangani kahle empilweni.
“Kuningi engisazimisele ngokukwenza nengisafuna ukujabulisa ngakho isalukazi sami ngaphambi kokuthatha lelo gxathu,” kusho uSjava.
Echaza ngembangela yokuqamba i-albhamu ngeSibuko uthe inhloso bekuwugqugquzela abantu ukuthi bazibuke bona ukuze bakwazi ukuzisola bona uma besephutheni futhi bazincome bona uma benze kahle.