INKAKHA kwezomculo kuleli ephinde ibe ngumdlali wesiginci uSelaelo Selota, ibopha inkampani iPepsico edayisa amaChips iSimba, ngezinsolo zokuthi intshontshe ingoma yayo iThrrr Phaaa, yalisebenzisa ezikhangisweni zayo.
USelota ukudalule ngeledlule ukuthi usethathe izinyathelo zomthetho ngenhloso yokubopha iSimba ngokusebenzisa iculo lakhe ngaphandle kwemvume yakhe.
Ekhuluma kwiSA FM, uSelota uthe le ngoma yayiculwa nguyisemkhulu eminyakeni ewu-70 edlule, ngaphambi kokuba yena aqhubeke nalo.
“Emva kokuthi lisetshenziswe wubabamkhulu ngalithatha ngalenza kabusha ngase ngilibhalisa ngokusemthethweni ukuthi ngelami eminyakeni engu-20 edlule. Leli culo laziwa umhlaba wonke ukuthi ngelami. Ngifuna ukuthi iSimba ingihlawule ngokulisebenzisa. Nemali engiyifunayo ngiyayazi ngokusetshenziswa kwalo kodwa ngeke ngiyidalule. Ngisho emisakazweni leli culo lisadlala okuyinto enzima ukuthi amaculo amaningi akwazi ukuhlala emsakazweni iminyaka eminingi edlalwa. Ngisho nendlela elidlalwa ngayo alinqanyulwa njengoba lidlala imizuzu eyisishiyagalombili nemizuzwana engu-40 kanti imisakazo ikalela ukuthi amaculo amaningi adlale imizuzu emithathu kuphela," kuchaza uSelota.
Kuthintwa iSimba ithe izolibheka kabanzi lolu daba bese iyaphendula.
ULoraine Cooper osophikweni lokunakekelwa kwamakhasimende kwaSimba, uthe uzodlulisela umyalezo athunyelelwe wona kwabafanele bese eyaphendula. Ukhiphe isiqinisekiso sokuthi inkampani ithintiwe wathi uzophendula uma esethole impendulo ezikhulwini zakwaSimba. Akathandanga ukudalula ukuthi kuxhunyanwa nobani uma kunemibuzo yabezindaba ebheke kule nkampani, kodwa waqinisekisa ukuthi impendulo izobuyiswa nguyena. Kushaye isikhathi sokushicilela engakaphenduli.