UKWAZI nokukholwa wukuthi ikhono azalwe wakhula nalo lokucikoza ngokucula ngeke lalinganiswa nelamuntu, ngenye yezinto ezenze umculi wodumo lwezingoma zama-piano uZee Nxumalo, wakhipha i-albhamu ayiqambe ngokuthi Inja YeGame, ukusondeza impumelelo azibona ezoyithola ngokucula.
Elandisa ngale albhamu enezingoma eziwu-10, uZee (23) odabuka eSwatini, kodwa osezinze eGoli, uthe iyindlela yakhe yokuphrofetha izinto ezinhle azibona esazozifeza emculweni.
“Inja YeGame ichaza uhambo lwami lomculo kusuka ngiqala ukuvelela eminyakeni emibalwa edlule, luze lufike ezintweni ezinhle nezimbi ezingehlele empilweni. Okuhle ngale ngoma wukuthi ayigxilile esigqini esisodwa njengoba mina ngingaziboni ngiyiciko le-Afro pop kuphela, kepha ngizibona ngiyiciko elikhulu kakhulu kunengibonakala ngiyilona manje. Ngifuna nokuthi lo msebenzi ungene kubalandeli bomculo, uthole indawo ebantwini, ubajabulise ngokubadansisa nangomyalezo,” usho kanje.
Liqhuba leli ciko, lithe kule albhamu ephume ngenyanga edlule, likhonze kakhulu ingoma ethi Ucingo ngenxa yomyalezo okuyona elithemba ukuthi uzothinta abantu abaningi.
“Inhloso yami wukuthi wonke umuntu ozolalela lo msebenzi kube khona akuzwayo kuwona; okungaba wumuzwa wokujabula, owokukhala nowokubuyelwa yithemba lempilo,” kusho uZee.
KwiNja YeGame uZee, ogama lakhe lokuzalwa wuZandile Nxumalo, usebenze no-TBO, SLY, Kabza De Small, GI_Ceejay, Ntokzin, Shakes & Les, DJ Tira, Dee Kaola, Boity, Ney, Goldmax, Zulu Mkhathini, 031Choppa, Djy zBizza, Springle, Pabi Cooper, Simmy, PYY Log Drum King, Profound, DJ Tearz, noDr Thulz.