UPHROJUSA futhi ongu-DJ we-house, uMpho Wav, usedalule ukuthi ukusebenza neciko elaziwayo ngokushaya into ecokeme kwezomculo uSun-EL Musician, iyonanto emsize ukumbeka ezingeni asekulona manje emculweni nasebucikweni jikelele.
UMpho Wav ungomunye wophrojusa basesitebeleni sikaSun-EL i-El World Music, esesibizwa nge-Under The Sun, aqale ukupheka umculo kusona ekuqaleni kuka-2020, emva kokudoba iso likaSun-EL Musician ngama-video ama-mix ayewafaka ku-Instagram.
“Ukuthola ithuba lokusebenza naye iyona nto engisize kakhulu ukukhulisa nokwandisa ulwazi lwami lomculo futhi wangisiza nokuthi ngikwazi ukuqonda ukuthi ibhizinisi lomculo lisebenza kanjani, ngaze ngaba la engikhona manje,” kusho uMpho Wav.
Leli ciko ogama lalo lokuzalwa wuMpho Mohlong wase-Orange Farm, eGoli, likhuluma kanjena nje selivele likhiphe i-albhamu yalo yokuqala esihloko sithi Book Of Wav, enezingoma eziwu-15.
Uthe le albhamu ephume ngoSepthemba, uyifanisa nomqingo asebenzisa ubuciko ngayo ukulandisa nokuvezela abantu izinto azifundayo emculweni, okuzokwenza kube mnandi koyilalele.
“Yingakho ngiyinike leso sihloko ukuzama ukudweba isithombe esijulile esichaza engikuqukethe kuyona futhi ngithemba ukuthi izoqhubeka yenze kahle, nabantu bayithande ngendlela eyiyona, okuzosiza ukukhulisa igama lami kwezobuciko,” kusho yena.
Nakuba egqama manje njengoba esene-albhamu kodwa uMpho Wav ungelinye lamaciko enza umsebenzi omkhulu esitebeleni asebenza kusona. Emisebenzini yobuciko abe nesandla ekuyiphrojuseni, singabala i-albhamu kaMsaki ethi Platinum Heart Beating ngo-2021, ekaMurdah Bongz iCR4ZY! nonyaka, ekaSun-EL Musican i-To The World & Beyond ngo-2020, nekaSimmy ethi Tugela Fairy (Made of Stars) ngo-2020.