INDLOVUKAZI yomculo kamaskandi, uDr Buselaphi Buthelezi-Gxowa, ukhuthaze ubumbano kozakwabo besifazane. Le ngwazi isho kanje emuva kokuthola ingqayizivele yethuba lokumela abaculi bakamaskandi jikelele ohambweni lwaseTanzania obeliyingxenye yochungechunge oluqale ngoLwesihlanu noluzophela ngeSonto elizayo, iSouth Africa Seasons in Tanzania.
"Ngikhuthaza abantu besifazane ukuba bengazibukeli phansi kodwa sisebenze ngokubambisana, nomakanjani sizonqoba."
UDr Buselaphi ukhuluma kanjena nje, vele kuyinto eyaziwayo ukuthi abaculi besifazane basathwele kanzima njengoba emicimbini emikhulu kamaskandi bengaqashwa ngobuningi futhi nasemisakazweni emikhulu kuyaqabukela kudlalwa izingoma zabo.
Nakuba kunjalo uDr Buselaphi usayibambile insimbi ishisa kule ndima.
ODr Buselaphi nozakwabo abengamanxusa aseNingizimu Afrika nabo, bafulathele elakuleli ngoLwesihlanu lwayizolo. Lo makadebona, osewole inqwaba yemiklomelo kuleli, ushiyelane inkundla nezihlabani zakuleli nezaseTanzania kwi-Opening Gala Dinner and Concert eMlimani City Conference Centre, eDar es Salaam izolo. Kubaculi bakuleli abasine bededelana enkundleni kubalwa uDr Buselaphi, umrepha uKwesta noK.O neqembu elishaya isicathamiya samanje, iThee Legacy.
ITanzania beyimelwe ngababili, okunguBalo Balo neWane Stars. Ngokwesitatimende soMnyango wezobuCiko, amaSiko nezemiDlalo, iSouth African Cultural Season in Tanzania yenziwa ngenhloso yokuvuselela ubungani phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika baseTanzania. Ngaphandle kwedili lomculo kubuye kwanesifundo ngobuGugu beNkululeko esikhungweni esaqanjwa ngeqhawe lomzabalazo lakuleli, iSolomon Mahlangu Freedom College, eMorogoro. UDr Buselaphi ubonge kakhulu uMnyango wezobuCiko namaSiko nezemiDlalo ngokumkhetha ukuba abe yingxenye yabaculi ebebemele elakuleli eTanzania. Ubuye wabonga iqembu aqala kulo ukuvelela, Imithente nomsunguli walo ongasekho, uSimosakhe Mthalane ngokuvumbulula ikhono lakhe eselivunywa nasemazweni angaphandle.
"Ngibonge umyeni wami, uWoyisile Gxowa (ongunjiniyela ohlonishwayo kuleli) ngokuhlala enami njalo, engeseka futhi engikhuthaza. Ngibonge nemenenja yami, uNomaswazi Ngubane ngomsebenzi omuhle nesineke anaso. Ngibonge kuMlamuli Sibisi weMdlalisi Media noZamani Zungu ngokuzikhandla kwabo ngoBuselaphi. Ngibonge kunjiniyela uThuthani Ndlovu ngokubheka umsebenzi kaDr Buselaphi nanoma yikuphi lapho sisuke sizodlala khona bukhoma nabalandeli bami bakuzozonke izinkundla zokuxhumana. Umndeni wami wonke, ngiyabonga," kuphetha uDr Buselaphi odabuka kwaNongoma.