INDIMA yomculo kamaskandi seyigqemeke enye ingozi ngokudlula emhlabeni kukaThobeka Sbongile Mnguni, weqembu Izintombi Zombango.
Ngokusho komthombo osondelene nomufi, uthi ushone ngoLwesine esibhedlela i-Edendale, eMgungundlovu.
"Uphathwe nje wumkhuhlanyana, waphuthunyiswa emtholampilo wabe esedluliselwa esibhedlela ngoMsombuluko, lapho okufike kwamenela khona," kusho umthombo.
Obecula nomufi kwiZintombi Zombango, uNomali Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi uThobeka (29) waseBulwer, akasekho emhlabeni emuva kokugula isikhashana.
"Ugule kancane, enqanyukelwa wumoya." UNomali uchaze uThobeka njengomuntu obewumgogodla weqembu.
"Ubekulwela ukuthi sithole ukuqasheka emicimbini njengoba besingenamenenja. Ubesivala leso sikhala."
UThobeka ushona nje, bebesematasatasa e-studio beqopha i-albhamu yesibili ephelele eDownHill Studios (KwaMantongomane) emuva kokuqopha eyayithi Iqhathabantu ne-EP abayikhiphe ngoMeyi wakulo nyaka, esihloko sithi Oqhathizwe.
Izintombi Zombango zizakhele udumo ngenoni elithi Hlalakahle (Bazok'hleka Abantu) nethi Vikel' Amantombazane. NgoLwesihlanu, kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo eWorkshop Amphitheatre, eThekwini, ngo-12 emini kodwa uzofihlwa emathuneni akubo, eGqumeni, eBulwer, ngeSonto.
*Khonamanjalo: Abaculi bakamaskandi; uMnikezwa “Ismakwana sikaShafuza” Ngubane noBhekihonga Ngubane waMangcukumane nezeChalaha (okungabafowabo bakaMjik’jelwa “Ichalaha Likashafuza” Ngubane ongasekho), basemanzini emuva kokudlula emhlabeni kukayise, uMshubo Ngubane.
Ebebemazi kahle bebemhasha bathi “UMshubo! Sgidi, Hlehlelezi! Ndukwana kaMahangula, ngokuhangula abezizwana. Nhlamvu azimshayanga, zandiza phezulu kuhle kwendizamshini iphikelele kwelakubo eMelika. Bhejane oguqe ngedolo obhuqwini, eMandwaha....”
UMnikezwa uthe uyise uzofihlwa emathuneni asekhaya esigodini saKwaGibamaxoki, KwaJikijiki, KwaMaphumulo, ngoLwesine.