AMACIKO akuleli, uNdivhudzannyi "Makhadzi" Ralivhona, noMbongeni "Oscar Mbo" Ndlovu, enze okungajwayelekile ngesikhathi ekhumelana umlotha bukhoma futhi kubheke abalandeli babo ku-Instagram.
Baze baqhamuke sebethelelana amanzi nje udaba luqalwe nguMakhadzi ngokuthi abhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi u-Oscar Mbo umphazamise esanandisa kwiCufa Cultural Urban Festival ebiseKings Park Rose Garden eBloemfontein ngempelasonto.
Laba baculi bebeshiyelana inkundla kule ndumezulu yomcimbi noRingo Madlingozi, Judith Sephuma, Zonke, Vusi Nova, Kelly Khumalo, Don Laka nabanye abaculi abanohlonze.
UMakhadzi, wodumo lwengoma ethi MaGear nethi Ghanama, uqale ngokuxolisa kubagqugquzeli nasezinkumbini zabantu ebezihambele lo mcimbi ngokunandisa kuphela imizuzu ewu-20.
"Angazi noma bekuyindlela u-Oscar Mbo abezama ngayo ukubukwa kodwa kungani lokhu kwenzeke ngesikhathi abantu belindele ukubona into abasikhokhelele yona. Ngebhadi uDJ ka-Oscar Mbo ukhiphe emshinini i-USB yami sengizoqeda ukunandisa." Unxuse u-Oscar Mbo ukuba awuyeke lo mkhuba wakhe.
"Ungaziphusha ngaphandle kokuhlukumeza abanye abantu." Eziphendulela u-Oscar Mbo, odume ngengoma ethi Asambeni nethi Dear God, utuse ubuqhalaqhala bakaMakhadzi kulolu daba.
"Ya neh. Okokuqala, ufike sekwedlule isikhathi emcimbini. Okwesibili, unandise ngesikhathi sami. Ngibe semcimbini kusukela ngo-1 ekuseni. Wena uqale ukunandisa ngesikhathi sami, ngo-1.45 ekuseni. Bakunikeze ithuba kwaze kwashaya u-2.15, wena waze waphothula ngo-2.20 ekuseni. Mina ngize ngaqala ngo-2.20 ngaqeda ngo-2.30. Nginandise imizuzu eyishumi kuphela ngoba bese umoshe isikhathi sami." U-Oscar Mbo uphike waze walala ngomhlane ukuthi kukhona ethimbeni lakhe abakhiphe uMakhadzi kodwa wathi le ntokazi izehlele esiteji emva kokuba seyiqedile ukunandisa ngazo zonke izingoma zayo ebiziklelisile.
"Okwesithathu, isikhathi ebenginikezwe sona ngumhleli womcimbi noKenny Kunene sicace bha ohlwini lwemicimbi yami," kuphetha u-Oscar Mbo.
Sebedingida lolu daba bukhoma futhi bebonana, uvele wabindwa yisidwa uMakhadzi ngesikhathi u-Oscar Mbo emtshela emakhaleni ukuthi ugagamelile ukusabalalisa imibhalo yakhe ekubeni udaba beludingidile, yena wazitshela ukuthi luphothuliwe kanti akabuzanga elangeni. UMakhadzi ugcine esehleka ubala, engena ezintangeni. Ekugcineni baxolisile ngokuphambana kwemibono maqede bakhumelana umlotha.
Kwenzeka lokhu nje u-Oscar Mbo usanda kuxolisa kumculi osafufusa waseLimpopo, uMelita "Kharishma" Mogale, ngokumkhipha ngoshova esanandisa kwiBlouberg Spring Annual Festival eSenwabarwana Stadium kulesi sifundazwe ngoSepthemba 28.