UMCULI kamaskandi, uMuzi "Govozile" Khumalo, uthembisa lukhulu nge-albhamu yakhe entsha azoyikhipha ngoDisemba 4 esihloko sithi Sizongenakuvaliwe. UGovozile, wodumo lwengoma ethi Waxosh' Indoda nethi Ishwa Lami, ubeqopha i-video yalengoma eyisihloko se-albhamu eWitbank Park, eMpumalanga. Uthe yize engakwazanga ukumemezele ngendlela eyanele kodwa kumjabulisile indlela amabhinca atheleke ngobuningi babo khona.
"I-albhamu ngizoyikhipha ngomhla ka-4 Disemba koma-iTunes sekukhona namaCD. Ngeke ngiyikhiphe ezitolo eziku-online uma engakabibikho amaCD."
Induna kaGovozile, uMashesha Dlamini, unxuse abalandeli bomculo jikelele ukuba bazihlinzeke ngemali ukuze bayithenge ngobuningi babo le-albhamu ngenxa yokuthi uGovozile uwanyuse kakhulu amasokisi. Uthe abantu bazobhema bakholwe ngenxa yamangwevu akhishwe yiqhawe lakhe.
UGovozile ngomunye wabaculi asebezakhele udumo kule ndima. Waqala ukwaziwa kakhulu ngesikhathi egudluza izinkunzi kwiTop 10 yomculo kamaskandi eminyakeni eyedlule ngengoma ethi Waxosh' Indoda.